KUVELA amagama abaqeqeshi bamaqembu adlala kwiDStv Premiership nawezinkakha zeKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, ohlwini lwabaqeqeshi abazoba abokuqala ukwenza izifundo zeCaf A Licence obese kuphele iminyaka eyisithupha zingenziwa eNingizimu Afrika.
Ngenxa yokungabibikho kwalezi zicucu kuleli, kunabaqeqeshi bakuleli abaphelelwe imisebenzi kungafanele kanti kukhona abanye abaphoxekile ezinyangeni ezedlule ngesikhathi beqeqesha behleli nezihlwele kusukela iCaf iqinise umthetho ngezicucu zabaqeqeshi ngokwahlukana kwemiqhudelwano yayo.
Bese siside isikhathi iSouth African Football Association (Safa) ingenalo igunya lokuvula ithuba lalezi zifundo kodwa kusobala ukuthi baningi abebezilinde ngabomvu.
Ngesikhathi iSafa imemezela ukuvula kokufakwa kwezicelo yaveza ukuthi kudingeka abanoCaf B Licence futhi kubiza uR35 000 kwabakuleli, kubeR40 000 kwabangaphandle. Kulindeleke ukuthi isigaba sokuqala sokufunda sibe ngoNovemba 13-20.
Phakathi kwamagama aziwayo ohlwini lwabangu-25 bokuqala abakhethwe kwabangu-65 abebefake izicelo kugqame, uSteve Barker, oqeqesha iStellenbosch FC, Gavin Hunt, weSuperSport United no-Eric Tinkler, opheka iCape Town City.
UTinkler omunye wabaqeqeshi abanqindekile ukuhlala ebhentshini ngesikhathi iCity idlala kweyeCaf.
Ayavela nawezinkakha ezingoJabulani "S Curl" Mendu, wodumo lwalawa okuthiwa anenkosi phakathi amaphasi kwiChiefs, Geoffrey Sapula, owayehlikihla esiswini seMamelodi Sundowns nakwi-Orlando Pirates noDaniel "Sailor" Tshabalala, oyethi uma ehlangene noSteve "Chippa" Lekoelea, kubhujwe kwiPirates.
"Kuyasijabulisa ukuthi lezi zifundo zizoqala maduze ngoba lokhu kukhomba ukuthi iSafa ayihleli kepha imatasa nokulungisa konke obekungalungile eminyakeni edlule," kusho uWalter Steenbok owusomaqhinga weSafa, ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba layo.
"Laba baqeqeshi abakhethiwe ukuba abokuqala bazobe sebenazo izicucu ezidingekayo ngoJuni wonyaka ozayo, kodwa kufanele baqede amahora angu-200 befunda.
"Umthetho weCaf umile ekutheni inhloko yabaqeqeshi kumele ibe no-Pro kumbe u-CAF A ngaphambi kokuthi ihlale ebhentshini emiqhudelwaneni yayo njengeChampions League neConfederation Cup.
"Lokhu kwenziwa ngenhloso yokuthuthukisa abaqeqeshi abasebenza ngaphansi kwale nhlangano eyengamele ibhola e-Afrika. Bese kuphele iminyaka eyisithupha iSafa igcine ukuvula ithuba lezifundo zika-CAF B no-CAF A kodwa lokhu sekufana nomlando kwazise senze konke obekudingwa iCaf ukuze sikwazi ukuba nazo," kuphetha uSteenbok.
Sebebonke abaqeqeshi abazoqala lezi zifundo badidiyelwe kanje:
Alliance Kubayi, Alex Zondi, Bilton Musonda, Boebie Solomons, Bongani Manzini, Carol Kanyemba, Dennis Makinka, Eric Tinkler, Gavin Hunt, Godfrey Sapula, Grant de Smidt, Jabulani Mendu, Kabelo Malapane, Lunga Ngwane, Marcus Mashilo, Monde Hlatshwayo, Nkosana Mabhena, Pogiso Makhoye, Sailor Tshabalala, Steve Barker, Tiro Van Rooyen, Tlisane Motaung, Thulani Mthimkulu, Wesley Sergel noZane Ryklief.