KULOKOZE inhlansi yethemba kwabaphethe izindaba zikaSiphosakhe Ntiya-Ntiya, obukeka ephelelwa indawo kwiKaizer Chiefs, kulandela ukubuyisa kwayo uStuart Baxter njengenhloko yabaqeqeshi.
Ziningi izinqumo zesizini entsha ezibhekwe kuBaxter okwenza uJazzman Mahlakgane, ophethe izindaba zikaNtiya-Ntiya, abuyelwe yithemba ngekusasa lomdlali wakhe kwiChiefs.
UNtiya-Ntiya wenze kahle ngesizini yakhe yokuqala ekhushulelwe esikimini esikhulu ngo-2018 okufakazelwe ukuthi iChiefs ize yelula inkontileka yakhe njengoba isiphela ngoJuni ka-2023.
Kwisizini esanda kusongwa (yize iChiefs isaqhubeka neCaf Champions League), uNtiya-Ntiya udlale imidlalo emithathu kuphela kuyona yonke imiqhudelwano.
Konke lokhu kwenzeke ngaphansi kobuholi bukaGavin Hunt obengumqeqeshi ngaphambi kokuxoshwa sekusele imidlalo emibili kusongwe imidlalo yeligi.
“Zijikile manje izinto njengoba sekubuye uBaxter ofana nobaba kwabanye babafana abancane kwiChiefs njengaye uNtiya-Ntiya.
“Siyaqonda ukuthi kunezinqumo ezinqala okufanele lo mqeqeshi omusha azenze kodwa sihlalele ethembeni ngekusasa likaNtiya-Ntiya ngoba akekho owaziyo mhlawumbe alithathe iso (likaBaxter),” kusho uMahlakgane kwiSolezwe.
Uqhube wathi: “Maningi amathuba okuthi kufane nesibusiso kuNtiya-Ntiya ukubuyisa kweChiefs uBaxter ngoba sebeke basebenza ndawonye phambilini.”
Phakathi kwezinqumo uBaxter okumele azenze kukhona nokuthi uyaqhubeka yini noSifiso Hlanti oseshiye kwiSwallows FC okuthiwa uya kwiChiefs.
Lo mdlali weBafana Bafana bekumele ajoyine iChiefs ngesizini edlule (ngesikhathi kuhlakazeka iBidvest Wits) kodwa kwangenzeka njengoba leli qembu belisavaliwe ukusayinisa abadlali.
Abanye abadlali abakhonjwa kwiChiefs wuKgaogelo Sekgota naye obekwiSwallows noPhathutshedzo Nange obegijima kwiStellenbosch ngesizini edlule kanjalo noSibusiso Mabiliso obengumdlali waMaZulu FC.