BABONGE ngisho abawasha ijezi kwiMamelodi Sundowns abaqeqeshi ababili baleli qembu elibhubhisa kwasani kulezi zinsuku, uRhulani Mokwena noManqoba Mngqithi, ngesikhathi beklonyeliswa ngowokuqala weDStv Premiership Coach of the Month kule sizini.
UMokwena noMngqithi abebesesithangamini nabezindaba namuhla ekuseni, baqokwe kowomqeqeshi ovelele ku-Agasti noSepthemba. Umgadli weSundowns uPeter Shalulile yena ugoduke nowomdlali ovelele kulezi zinyanga ezimbili.
Akuzange kwethuse nokho ukuthi kukhonye iSundowns kulandela indlela leli qembu eliyiqale ngayo isizini ka-2021/2022.
Isabanjwe AmaZulu ngo 0-0 kuphela kule sizini emdlalweni wokuqala weligi.
Lokhu kulandelwe imvula yamagoli ashaywa yileli qembu ekubeni lona lingavumeli lutho ukuthi lungene ngakulona.
Emidlalweni emihlanu yeligi elandele owoSuthu, iSundowns iqoqe amaphuzu agcwele kuyona yonke.
“Kukona konke okuhle okwenzekayo kufanele siqale ngokuhalalisela iMamelosi Sundowns yonkana ngokuqhubeka nokusebenzela ukuzigcina ibalwa namaqembu ahlonishwayo.
“Lo mklomelo ugqamisa umsebenzi omuhle owenziwa ithimba labaqeqeshi kusukela emazingeni aphansi, abaphathi beqembu ikakhulukazi umengameli wethu, abalandeli nakho konke okuthinta leli qembu elikhulukazi,” usho kanje uMokwena eqeda ukwamukela umklomelo.
Uthe, akumethusi ukuhlabana kukaShalulile ngoba yinto ahlale eyikhombisa nsukuzonke ejimini.
UMngqithi ubalule ukuthi, iqembu elikhulu njengeSundowns ngeke lishibilike ngale ndlela okwenzeka ngayo ngenxa yakhe noMokwena kuphela.
“Baningi kakhulu abantu abawine lo mklomelo ngoba ukuze iSundowns ibe yilokhu eyikhona kumele kunyakaze wonke umuntu okhona kuyona,” usho kanje.
“Mina noMokwena siyizithunywa nje ukuthi sizomukela kodwa abantu abaklomelile ngempela, yilaba abaqinisekisa ukuthi ijezi lethu lihlale lisesimeni esifanele okungenye yezinto esenza sibe nokuzethemba ngaso sonke isikhathi,” kulandisa yena.
UMngqithi akazange abashiye ngaphandle odokotela kanjalo nalaba abaqinisekisa ukuthi imisipha yabadlali ihlale ilulekile ngaso sonke isikhathi.
Ngendlela iSundowns eshosholoza ngayo abaningi bathi ayinikwe indebe yayo yeligi.
Ifomu enhle yeSundowns iyona ewinise uShalulile kowomdlali ovelele kwazise ubambene ngamagoli amane kwiligi noVictor Letsoalo weRoyal AM.
I-free kick kaDeon Hotto we-Orlando Pirates ayishaya bebhekene neStellenbosch FC ikhethwe yaba igoli elivelele kulezi zinyanga.
Bonke abaklonyelisiwe bagoduke nesheke lika-R7000 umuntu emunye.