Willem Phungula
INHLANGANO yezokusakaza, iSABC isigxekile isenzo somphathi weLamontville Golden Arrows, uMato Madlala, sokukhwela adilike kumlaleli woKhozi FM emoyeni.
UMadlala obambe njengesikhulu esiphezulu kwiPSL ushaqise abaningi ekhwela edilika kumlaleli emoyeni maphakathi nesonto lapho embize ngamagama angamukelelikile.
Bekusohlelweni lwezemidlalo, iPrime Tme Sport ngoLwesithathu ebusuku, olushayelwa nguVictor Molefe. Umlaleli uBongani Miya waseZakheni eMnambithi uphawule ngejezi le-Arrows engeyaseThekwini.
Umlaleli okuthiwa ungumlandeli weSundowns, uthe uyawathanda amakilabhu aKwaZulu-Natal futhi uyathanda ukugqoka amajezi awo kodwa ucela izikhulu ze-Arrows zizame ukuthola abaxhasi bejezi ngoba elikhona manje limbi libukeka njengezikibha ezejwayelekile. UVictor ube esethembisa umlaleli ukuthi uzoyithola impendulo ngesicelo sakhe ngoba umphathi wekilabhu ungumlaleli omkhulu wohlelo lwakhe, uyazi ukuthi ulalele.
Akaligwinyanga umsakazi wabe esengenile uMadlala. Nanka amanye amazwi aphume phansi kwekhala lalesi sikhulu:
"Ngeke mina ngiyimele indaba yalo muntu ongibhedelayo, othi ijezi lethu limbi wungathi yiT-shirt. Liphi elakhe? Unayo nje ikilabhu edlala kwiPSL, unayo kona edlala obhuqwini? Kuvele kusuke umuntu nje ezihlalele emjondolo wakhe, ongakaze abe nalutho azokhuluma into angayazi. Vele amathini angenalutho abanga umsindo omkhulu," kuthetha uMadlala.
Okhulumela iSABC, uNksz Mmoni Seapolelo, uthe bayakuqinisekisa ukuthi lesi gameko senzekile ohlelweni loKhozi FM lapho umsakazi wabo, uVictor ephoqelekile ukuba axolise kubalaleli emoyeni ngamagama asetshenziswe wumphathi we-Arrows emoyeni. Uthe iSABC ikhathazekile ngokwenzekile ngoba inhlonipho ngenye yemigomo yayo ebekwe phambili.
Ethintwa uMadlala uthe yize noma engeke esakhumbula konke akushilo kodwa uyaxolisa uma kukhona abaphatheke kabi ngakushilo emoyeni. Uthe nabo kodwa abaleli kumele babacangele ukuthi banemizwa njengabo bonke abantu.
Ngaphandle kweSABC nabalaleli bamhlabe bamhlikiza. Ekhasini labo leFacebook, Ezemisakazo bamgxeke kakhulu uMadlala, bathi bekungamele akhulume ngaleya ndlela ebe ewumholi. Abanye bajikele kuye uMiya bathi naye uthanda ukukhuluma njengomfazi.