IKAIZER Chiefs ibheke ukuqhubeka nomgqigqo wokucosha amaphuzu uma isibhekene neStellenbosch emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, eNasrec, namuhla ngo-5 ntambama.
Ngempelasonto edlule, iChiefs ihlule iWydad Casablanca yaseMorocco ngo 1-0 emdlalweni wamaqoqo weCaf Champions League ingasaphelele enkundleni emuva kokuthola amakhadi abomvu kukaDaniel Akpeyi noSamir Nurkovic. Ngaphambi kwalokho yayihlule i-Orlando Pirates koweDStv Premiership. Kuyona yomibili le midlalo, Amakhosi awangenelwanga yigoli. Lokhu akubuzwa ukuthi kubuyisa ithemba kubalandeli bayo abafisa okungenani iqede kwi-Top 8 ekupheleni kwesizini ukuze idlale kwiMTN 8 ngezayo.
Umgadli uLazalous Kambole ubona ukuhlangana kwezinto kwenyusa ukuzethemba eqenjini.
"Bekuwumdlalo onzima (neWydad) ngoba sidlale singasaphelele okwenze sashintsha indlela esidlala ngayo. Kudingeke simise izinto ngenye indlela ngokomdlalo. Kodwa okubalulekile ukuthi siwinile. Iqembu lidlale kahle kakhulu," kusho uKambole.
"Kuzoba wumdlalo ohluke kakhulu neStellenbosch kodwa sizowenza umsebenzi wokuyicubungula siyiKaizer Chiefs. Okufanele sikwenze nje wukuzinikela ngokuphelele, senze isiqiniseko sokuthi siqoqa amaphuzu agcwele. Indlela esiyiyona, singehlula noma yiliphi iqembu uma sigxilisa imiqondo yethu. Njengoba sidlalela ekhaya neStellenbosch, sinethuba elikhulu lokuwina. Bayiqembu elihle elihlala lizimisela ikakhulukazi uma lidlala neChiefs. Liyagqugquzeleka."
Amakhosi asethubeni lokuzibekisela indawo kuma-quarterfinal eChampions League okokuqala emlandweni wawo. Kudingeka ngoMgqibelo ekuhambeni ahlule iHoroya AC yaseGuinea emdlalweni wokugcina wamaqoqo ukuze ajoyine iWydad kwi-Last 8.
Nokho kungayifaka engozini iChiefs ukudlala neStellies isicabanga ngoweChampions League.
Umqeqeshi weStellenbosch, uSteve Barker, ukholwa wukuthi beangawacosha amaphuzu agcwele kwiChiefs.
"Sizodlala neChiefs ekuhambeni isaphuma ekutholeni imiphumela emihle. Isidlale imidlalo emibili ingangenelwa yigoli. Ihlule iPirates neCasablanca. Kodwa ngibona ukuthi siyiqembu sesikhule kakhulu futhi sinyukelwe wukuzethemba. Singehlula noma yiliphi iqembu noma yinini inqobo nje uma sizinikela futhi siqhubeka nokukholwa ukuthi singayiwina yonke imidlalo esiyidlalayo. Siyethemba ukuthi sizodlala kahle, sizibeke ethubeni lokuwaqoqa womathathu amaphuzu," kusho uBarker.
Ngempelasonto, iChiefs izomela iNingizimu Afrika kwiChampions League ihambisana neMamelodi Sundowns ebambane ngo 0-0 ne-Al Hilal yaseSudan. ISundowns, esivele idlulele kuma-quarterfinal, izovala neCR Belouizdad yase-Algeria ngoLwesihlanu ePitoli. IPirates, edlale ngokulingana ngo 0-0 ne-Al Ahly Benghazi kweyamaqoqo eCaf Confederation Cup, izophinda nayo ngeSonto ngo-6 ntambama e-Orlando Stadium.
Imidlalo yeDStv Premiership Namuhla
Ngo-3pm - Tshakhuma Tsha Madzivhandila v Mamelodi Sundowns (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-5pm - Kaizer Chiefs v Stellenbosch (FNB Stadium).