ONGUMSUNGULI nomqondisi wesikhungo sebhola iMlungisi Ngubane Football Academy, uMlungisi “Professor” Ngubane, uthe izikhungo zabamnyama ezisemalokishini zisabhekene nenselelo yokwentula uxhaso ngenxa yokungathenjwa kwabaphathi bazo.
UNgubane ukusho lokhu ekhuluma neSolezwe ngenkathi isikhungo sakhe samukela uxhaso lwamajezi, amakhokho okudlala, namabhola kwiHollywood Foundation ngoLwesihlanu, eMontclair, eThekwini.
Lesi sikhungo sebhola esizinze eMontclair, sasungulwa ngo-2019 yile nkakha yebhola eyayidlala ibhola elinenkosi phakathi ngezikhathi zayo kuMaZulu FC nakwiDurban Bush Bucks eminyakeni edlule. Inhloso ukunika izingane ezisukela eminyakeni engaphansi kwengu-13 kuya ku-19 ithuba lokuthola uqeqesho olufanele zisakhula.
“Abamhlophe banakho konke, nengqalasizinda yabo isezingeni elifanele. Ngakho isikhathi esiningi izinkampani zabamhlophe azithandisisi ukuletha uxhaso kithina bantu abamnyama abaphethe izikhungo. Bayaye babone kungcono batshale imali kulezo zikhungo esezaziwa ezinegama, iningi lazo okungezabamhlophe.
Bese kuthi wena osafufusa, njengathi nje, bazitshele ukuthi uma beke bafaka imali kuwena uzoyithatha uyokhokha izikweletu.
Kuthi-ke kulabo abame kahle (ngasemalini) bezikhungo ezaziwayo, kufakwe imali kubona. Babheka kanjalo (abaxhasayo) okuyinto engeyinhle ukuthi abantu bakucabangele ngoba basuke bengazazi izinhlelo onazo,” kusho uNgubane.
“Siyaluthokozela kakhulu lolu xhaso esilunikwe abakwaHollywood, lokhu kusinikeza umdlandla njengesikhungo ngoba kukhombisa ukuthi bakhona abantu ababonayo ukuthi senzani nabayithandayo into esiyenzayo.
Ezinye izingane ezikulesi sikhungo zibuya emindenini lapho khona abazali bengenawo amandla okuzenzela okungaphezulu kwalokho abanakho.
Ngakho-ke iHollywood isilekelela ekutheni kwehle umthwalo nakulabo bazali abangenawo amandla okuthengela izingane zabo izinto zokudlala okubalwa kuzo namakhokho.
Bayasibhekelela kakhulu (abakwaHollywood) uma sikhala, bayazama ukusithulisa bathi ningakhali sikhona, yingakho siphonsela inselelo nezinye izinkampani ezizimele ukuthi nazo zenze okufanayo.”
Uqhube wathi nakuba uMnyango wezeMidlalo ulalela uma bekhala, kodwa asebekufisa manje wukuthi ubaxhase nangemali.
“Uma ngingenza isibonelo nje, mina kulesi sikhungo njengoba nginamaqembu amane okungu-Under 13, 15, 17 no-19, uma kuwukuthi wonke ayodlala ngaphandle kufanele ngishaye ephaketheni ngiqashe amatekisi amane ukuya emidlalweni, okuyinto enzima. Usizo lona sisaludinga, okubalwa nazo izindleko zokuthutha abadlali.”
Ngokusho kukaNgubane, lesi sikhungo sesikhiqize abadlali abambalwa abadlala emaqenjini amancane ePremiership , okubalwa kubona uPeter Mofokeng no-Aphiwe Ngobese abaseqenjini iRoyal AM edlala kwiDStv Diski Challenge.
UMenzi Ngcobo, obhekele uhlangothi lwabaxhasi kwiHollywood Foundation, uthe: “Kuyasithokozisa njengeHollywood ukuba ngabaxhasi beMlungisi Ngubane Football Academy. Siyalazi iqhaza likaProfessor Ngubane ebholeni laKwaZulu-Natal kusukela esadlala ibhola ngeminyaka yo-1980.
Yingakho-ke kuthe lapho engqongqoza ecela uxhaso kithina eminyakeni emibili edlule, sabona kunesidingo sokuthi selule isandla njengeHollywood kulesi sikhungo okuhloswe ngaso ukucija abadlali bebhola abasakhula, nabo abazokhula bafane naye ngomuso. “