XOLILE MPISANE
Sundowns Ladies (2) 2
JVW (1) 1
INJABULO ilandele enye kwiMamelodi Sundowns Ladies ivikela isicoco seHollywoodbets Super League kulandela ukuguqisa iJVW-ngo 2-1, emdlalweni weligi obuseGroenkloof Stadium, ngoLwesithathu ntambama.
AmaSandawana, angene enkundleni esahambela phezulu njengoba ebuya ekunqobeni isicoco seCaf Women's Champions League.
Abedinga iphuzu ukuze aqinisekise ukuthi ashaya impinda kweseligi.
Igoli lokuqala lingene ngomzuzu wesihlanu livalelwa ngu-Andisiwe Mgcoyi, ongayibheki inethi kule sizini. Lo mgadli ungomunye wabashaye amagoli bedla isicoco seChampions League kwiHasaacs Ladies yaseGhana, eCairo, e-Egypt, ngempelasonto edlule.
I-JVW ithole elokulinganisa ngomzuzu ka-13 ngeshodi elihle likaCimone Sauls alizwe ngendaba unozinti weSundowns, u-Asa Rabalao.
Kuyiwe ekhefini ezikaJerry Tshabalala sezihamba phambili futhi ngemuva kwegoli elivalelwe nguChantelle Esau ngomzuzu ka-25.
Ithuba elingcono leJVW ngesiwombe sesibili, litholwe nguMpumi Nyandeni ngomzuzu ka-63 kodwa ibhola walibeka eceleni ngekhanda.
Elinye ithuba leSundowns liwele kuBambanani Mbane ngomzuzu ka-80, walingqofela phezu kwepali, umdlalo waphela ngo-2-1.
Lo mphumela ushiye iSundowns esicongweni ngamaphuzu angu-64 emidlalweni engu-23. I-TUT elele endaweni yesibili, ngeke isakwazi ukuyiphazamisa njengoba inamaphuzu angu-58 kanti isisalelwe umdlalo owodwa. Nalo leli qembu laseTshwane belidlala ngoLwesithathu, lahlula iFirst Touch Ladies ngo-3-2.
AmaSandawana asasalelwe yimidlalo emithathu kanti azobe ebheke ukuthi aqede isizini engadliwanga njengoba enza ngesizini eyedlule.
I-JVW isahleli endaweni yesine ngamaphuzu angu-45 emidlalweni engu-24.
UMgcoyi (33) okhulume neSolezwe ngaphambi komdlalo neJVW, uveze ukuthi njengoba esenqobe isicoco seChampions League, usebheke ukufeza iphupho lokudlala kwiNdebe yoMhlaba.
“Ngesikhathi ngiqala ukudlala ibhola, inhloso yami kwakuwudlala phesheya. Ukubizwa eqenjini lesizwe ngo-2011 kwangivulela iminyango eminingi ngagcina ngifike e-Europe ngadlala eSlovakia, Albania, Kosovo naseGermany.
“Akuphelelanga lapho, ngakwazi ukudlala kuma-Olympic neBanyana ngo-2012, ngadlala kwi-Africa Women Cup of Nations ngawo lowo nyaka. Ngiyethemba ukuthi ngizolithola ithuba lokugijima kwiNdebe yoMhlaba ukuze ngivale isikhala sokungadlali kwedlule,” kusho uMgcoyi.