SITHEMBISO MKHIZE
UMDLALI weKaizer Chiefs oyibamba ohlangothini lwesinxele emuva, uPhilani Zulu, uthi ukushaya iMamelodi Sundowns kuqinise amathemba abo okufeza iphupho lokunqoba yonke imidlalo ebasalele yeDStv Premiership.
Namuhla, ngo-3 ntambama, iChiefs eqeqeshwa uGavin Hunt izophuma umkhankaso wokuqoqa amanye amaphuzu aphelele uma seyibhekene neChippa United, eFNB Stadium.
Ngempelasonto edlule iChiefs imangaze iningi ishaya iSundowns ngo-2-1 kade ingathishwa muntu.
Ukunqoba kwayo kuyibeke endaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu awu-28, emidlalweni ewu-23.
UZulu uwugijime wonke lo mdlalo obuseLoftus Versfeld Stadium.
"Ukunqoba kwiSundowns kukhuphule ukuzethemba ekhempini yethu. Akekho obezitshela ukuthi sizonqoba. Nokho lo mdlalo sewudlulile, kumele silungiselele elandelayo. Esivumelene ngakho nesikufisayo ukuthi siqhubeke nale ndlela esidlale ngayo. Kuzosiphazamisa ezinhlelweni zethu ukuphinde sivumele ukuhlulwa. Mincane imidlalo esisalele, sizimisele ngokuyinqoba yonke. Okubalulekile manje ukuqinisa lapho senza kahle khona bese sinciphisa amaphutha,“ kusho uZulu.
Mayelana nomdlalo weChippa, uZulu, uthe: "Kuzoba umdlalo onzima, iChippa ilwela impilo yayo kwiligi. Nakuba kunjalo, kuyasiphoqa ukunqoba kumnyama kubomvu. Siyiqembu, kuyasiphoqa ukuqhubeka nokubambisana".
IChippa nayo ibhinjelwa yizinto ngendlela exakile kwiPremiership. Isendaweni ka-15 ngamaphuzu awu-18.
Sekuphele imidlalo yeligi ewu-11 yagcina ukuqoqa amaphuzu aphelele.
Kulesi sibalo adliwe kweyisithupha, adlala ngokulingana kwemihlanu.
Agcina ukunqoba ngoJanuwari, ebhaxabula iBlack Leopards ngo-3-0.
Mhlawumbe okungabuyisa ukuzethemba kuleli qembu likaSiviwe " Chippa" Mpengesi, ukungena kwalo kowamanqamu eNedbank Cup elizowudlala neTshakhuma FC, ngoMeyi 8, eFree State Stadium.
Ngaphandle komdlalo weChippa, iChiefs isalelwe yiBloemfontein Celtic neTshakhuma ekuhambeni, Swallows ekhaya, Leopards ekuhambeni, Lamontville Golden Arrows ekhaya nowokugcina neTS Galaxy ekuhambeni.
IChilli Boyz yona isazodlala neStellenbosch, Black Leopards neCeltic ekhaya, Tshakhuma ekuhambeni noweSuperSport United ekhaya.