Babalisa ngokuthathelwa izinqumo yiSouth African Football Association (Safa) ingazange ibonisane nabo abanikazi bamaqembu edlala kwiPremier Soccer League (PSL) nakwi-Safa ABC Motsepe League.
Ngempelasonto edlule, iSafa eholwa uDanny Jordaan, ikhiphe isitatimende lapho iveze khona ukuthi kusukela ngesizini ezayo ka-2024/25, amaqembu adlala kwiDStv Premiership, kumele aqashe abaqeqeshi abaneziqu zikaCaf A Licence kuya phezulu. Amaphini kumele abe noCaf B Licence.
Uma eqasha abangaphandle kumele kube ngabano-Uefa Pro noma uCaf A Licence. Akugcini lapho, kumele abangaphandle babe nesipiliyoni seminyaka emihlanu beqeqesha kwiligi yezinga eliphezulu.
Phakathi kwesikhathi esiyiminyaka eyisikhombisa kumele ukube banqobe isicoco esithile.
Amaphini aphuma ngaphandle kumele ashaye ngoCaf B. NakwiMotsepe Foundation Championship, abaqeqeshi kumele babe noCaf A abasizi babe noCaf B.
Zombili izigaba zePremier Soccer League ( PSL) ziphoqeleke ukusungula izinkulisa zabafana namantombazane okumele zibhaliswe kumaLocal Football Association (LFA).
Amaqembu eMotsepe Foundation azophoqeleka ukusayinisa abadlali abayisithupha baka-Under 23. Ababili babo kumele bawuqale umdlalo baphinde badlaliswe imizuzu ewu-45 kuya kwewu-60. Ababili babo kumele bawuqede umdlalo.
Neligi yabesifazane, iHollywoodbets Women’s Super League ayisalanga ngaphandle. ISafa ishaye umthetho wokuthi isibalo samaqembu kumele sinyukele ku-18. Kuphoqeleke nokuthi asayinise abadlali bakuleli abayisikhombisa, abathathu bangaphandle nonozinti oyedwa ongumsinsi wokuzimilela kuleli. Abavumelekile onozinti bangaphandle.
Mayelana neziqu zokuqeqesha, abaqeqeshi kuzophoqeleka ukuthi babe noCaf B bese amaphini abe noCaf C Licence. Namaqembu adlala kule ligi aphoqeleke ukuthi asungule izigaba ezimbili zezinkulisa zabafana namantombazane ezibhaliswe kwiLFA.
Ngesizini ka-2024/25, amaqembu esigaba se-ABC Motsepe League ayalelwe ukusungula lesi zinkulisa. Abaqeqeshi kumele babe noCaf B, amaphini ashaye ngoCaf C. Aphoqeleke ukusayinisa abadlali abayisithupha baka-Under 23.
USifiso "Jomo" Biyela ongusihlalo weRichards Bay egijima kwiDStv Premiership, utshele Isolezwe ukuthi lolu hlelo oluqhamuka neSafa luhle impela, inkinga ngalo luqhamuka ngesinxele.
"Iyahlupha le nto yokuthi uthathele abantu izinqumo ungazange ukhulume nabo. Kusele izinyanga ezimbalwa ukuthi siqale isizini ezayo. Zonke lezi zinguquko sizobe sizenze nini? La maqembu siwaqhuba ngemali yemindeni yethu nayo engekho," kubeka uBiyela othe unethemba lokuthi iSafa inohlelo oluqondile yokufeza lezi zinguquko.
"Laba baqeqeshi esinabo ngeke nje sivele sibalaxaze kanjalo ngoba bengenazo lezi zicucu. Kumele ukuthi banikwe isikhathi sokuthola lezi ziqu. Angisayiphathi eyezimfuno zokusungula lezi zinkulisa nokunye. Kuzoba nzima emaqenjini ukuthola imali yokwenza lokhu. Kunento ethi angikholwe ukuthi iSafa unalo uhlelo oluqondile.“
UFarouk Kadodia weMaritzburg United egijima kwiMotsepe Foundation, uthe akukho okutheni angakuphawula. Uthe bazolindela iPSL ukuthi ibazise ngokusemthethweni ngalokhu.
"Wuhlelo oluhle impela lolu oluqhamuka neSafa. Inkinga kaluhlelwanga ngendlela efanale. Sinqunyelwa kanjani ugwayi katiki ekubeni la maqembu siwaqhuba ngemali yethu. Mina ngiphakamisa ukuthi iPSL isibize ukuze sizoqhamuka nomhlahlandlela,“ kusho uFarouk.
UMkhokhiseni Mpanza woMsinga United odlala kwi-ABC Motsepe ngaphansi kweSafa KwaZulu-Natal, uthe ukube iSafa kukhona ekufakayo ngabe kungcono.
“Kuzomba eqolo ukuqasha laba baqeqeshi. Angazi nokuthi ngiphawule ngithini ngalezi zinkulisa okuthiwa asizisungule. ISafa kumele yazi ukuthi le ligi ayilutho ngaphandle kwethu.”