ICARLING Black Label ngoLwesibili ntambama imemezele umdlalo womkhaya owehlukile nge-2020 Cup of Ages, esithangamini sabezindaba eFNB Stadium.
ICup of Ages icatshangwe yaphasiswa ngemuva kokukhanselwa kweCarling Black Label Cup ngenxa yemigomo yokulwa neCovid-19.
“Asikwazanga ukwenza enye iCarling Cup enkundleni kodwa kuyintokozo ukwethulela abalandeli (amaChampion Fans) iCup of Ages - umdlalo omkhulukazi osuke wadlalwa yiKazier Chiefs ne-Orlando Pirates, ’’’kusho u-Arne Rust, oyiCarling Black Label Brand Director.
Ichazwa iCarling Black Label Cup of Ages kuthiwa yindumezulu yemizuzu engu-90 eveza iGlamour Boys namaBhakaniya ngezikhathi beshukana emidlalweni eyisishiyagalombili eyahlukene yeCarling Black Label Cup.
Ezicukuthwaneni ebezathemele ukwethulwa kweCup of Ages, kubalwa nomqeqeshi weLamontvile Golden Arrows, uSteve Komphela, odume kwiChiefs.
“Abanye bethu basenemibuzo, yilobo uhuhle bokuholwa yithemba. Asazi kuzokwenzekani. Lokho kulindela yikho okuzosihola.”