INJABULO ibibuzwa kubathandi bebhola eMzansi kulandela isimemezelo sokubuyela komdlali weBafana Bafana uPercy Tau kwiBrighton & Hove Albion egijima kwi-English Premier League.
IBrighton & Hove imemezele lezi zindaba ngoLwesine ntambama kanti iqembu abebolekiswe kulo eBelgium, iRSC Anderlecht, nalo liziqinisekisile lezi zindaba livalelisa uTau ezinkundleni zokuxhumana.
Percy Tau retourne à Brighton. We're going to miss that smile. Good luck, Percy! 🇿![CDATA[]]>🇦 pic.twitter.com/fSGD0bBFf8
— RSC Anderlecht (@rscanderlecht) January 7, 2021
UTau wafulathela elakuleli esuka kwiSundowns elibhekise kwiPremier League ngo-2018 kodwa izinhlelo zakhe zaphazanyiswa yimithetho eqinile yase-England ethinta imvume yokusebenza khona kubadlali bangaphandle.
Ngaphambi kokudlalela i-Anderlecht, uTau uqale kwi-Royal Royal Union Saint Gilloise lapho agile khona izimanga waba umdlali ovelele kwiligi yesigaba sesibili eBelgium. Ngesizini elandelayo ayipholisanga maseko iClub Brugge eyayigijima kwiChampions League yamlanda.
Ubuyela kwiBrighton nje kule sizini unamagoli amane emidlalweni ewu-14 kanti usebe nesandla kwigoli elilodwa.
Ekhuluma ngoTau umqeqeshi weBrighton uGraham Potter uthe: “kuyangijabulisa ukwamukela uPercy eqenjini, sizoqala ukusebenza naye. Ngiyazi uwumdlali abalandeli bethu abaningi abebemlandela kumasizini edlule. Nathi besiyiqaphile indlela abedlala ngayo eBelgium eminyakeni emithathu edlule. Udlala kahle futhi ukhombise ukuba sezingeni elihle ikakhulukazi kwiBrugge la adlale khona kwiChampions League, nakwi-Anderlecht. Okulandelayo manje ukuthi azikhombise ukuthi usekulungele ukudlala kwiPremier League.”
𝘼![CDATA[]]>𝙣![CDATA[]]>𝙣![CDATA[]]>𝙤![CDATA[]]>𝙪![CDATA[]]>𝙣![CDATA[]]>𝙘![CDATA[]]>𝙚 𝙋![CDATA[]]>𝙚![CDATA[]]>𝙧![CDATA[]]>𝙘![CDATA[]]>𝙮 𝙏![CDATA[]]>𝙖![CDATA[]]>𝙪 😅
— Brighton & Hove Albion (@OfficialBHAFC) January 7, 2021
Percy Tau *announced* 😁
Albion have today recalled striker Percy Tau from his loan spell with Belgian club Anderlecht. 🇿![CDATA[]]>🇦
🤝 @firsttouchgames 🤝#BHAFC 🔵⚪️
Percy Tau of Mamelodi Sundowns is going to play against Kevin De Bruyne pic.twitter.com/vwRDtYuuie
— Pat (@PatBafo) January 7, 2021
I wonder how Mohammed Salah feels about being the 2nd best African in the league with Percy Tau joining Brighton.
— Lesilo Rula (@kay_mahapa) January 7, 2021