Emasontweni adlule ikomiti lithole iPirates inecala lokuhudula phansi isithunzi seligi emva kwesigameko sokugxavulwa kukasihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi, ngoDisemba ngesikhathi amaqembu womabili ezobhekana koweDStv Premiership ngoDisemba e-Orlando Stadium.
Umshushisi wePSL, uZola Majavu, umemezele izolo ukuthi iPirates iludlulisele phambili udaba lwayo lokutholwa yikomiti eliqondisa ubugwegwe inecala lokuhudulela phansi isithunzi seligi, Safa, Caf, Fifa nabaxhasi.
USukazi, waxhakathiswa yizinsizwa ezazidlubhe imibala yePirates, zimvimba ukuba angangeni enkundleni.
Ekulahlweni yicala, iPirates ithole isigwebo sokuthi ibhale incwadi iyibhekise kwiligi iwavuma wonke amaphutha ayo kusukela ekugxazweni kukasihlalo weqembu (onawo wonke amagunya okunyakaza enkundleni), kuya ekuhuduleni phansi isithunzi sazo zonke izinhlangano zebhola iqembu elithintekayo kuzona nabaxhasi. Ibuye yagwetshwa ukukhokha u-R100 000 kodwa walengiswa izinyanga ezingu-12 ingatholwa inecala elifanayo.
“I-Orlando Pirates isebenzise igunya layo yasiphikisa isigwebo sehhovisi eliqondisa ubugwegwe odabeni lokugxazwa kukaTim Sukazi. Udaba selusezandleni zeSafa, okuzothi uma seluphothuliwe, ngibuye sengizokwendlala imiphumela,” kusho uMajavu ethimbeni labezindaba lePSL. Kodwa akalushongo usuku icala elizophinde lihlalelwe phansi ngalo.
Ngemuva kwesimemezelo, Isolezwe lithinte iGalaxy engazange ifihle ukuthi ibivele ingeneme ngesigwebo futhi ngeke izixake ngokunaka okwenziwa yiPirates ngoba imelwe wumsebenzi wokuhlenga igunya leqembu esigabeni esikhulu.
“Okwenziwe yiPirates kuyigunya layo ngakho-ke angisiboni isidingo sokuthi siphawule kodwa yiyona okumele izikhulumele,” kusho uMinenhle Mkhize oyimenenja yezokuxhumana kumaRockets.
“Sisamukele isigwebo iPirates ebisinikwe ikomiti eliqondisa ubugwegwe kodwa lokhu bekungasho ukuthi sanelisekile ngaso.
“Sinomsebenzi wokuqinisekisa ukugcina igunya leqembu lokudlala esigabeni esikhulu ngakho-ke asinaso isikhathi sokuzixaka ngokwenziwa yiPirates,” kuqhuba uMkhize.
“Akekho ongakubalekela ukuthi isenzo sePirates kusihlalo weGalaxy sisehlise sasiqeda isithunzi sebhola lakuleli.
“I-video yakho konke okwenzeka kuSukazi iyohlale ikhona ikuveza ngokusobala ukuziphatha kwePirates, okungemukelekile ebholeni,” kusho isikhulu.
IGalaxy isendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu awu-26 njengoba sekusele imidlalo emibili kusongwe iligi. Kusasa iMarumo Gallants neTX Galaxy eMbombela Stadium ngo-3 ntambama. IPirates yona izobe imatasa ngemidlalo yeCaf Confederation. NgeSonto idlala ne-Al Ahli Tripoli e-Orlando Stadium kowomlenze wesibili kowandulela owamanqamu. Ihamba phambili ngo 2-0.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Kusasa - Ngo-3pm: Mamelodi Sundowns v Stellenbosch (Absa Tuks Stadium); TS Galaxy v Marumo Gallants (Mbombela Stadium); Swallows v Chippa United (Dobsonville Stadium); Baroka v SuperSport United (Peter Mokaba Stadium); Cape Town City v AmaZulu (DHL Stadium); Sekhukhune United v Kaizer Chiefs (Emirates Airlines Park); Golden Arrows v Royal AM (Sugar Ray Xulu Stadium).