ISALOKOZA inhlansi yethemba ngokubuyela kwiCaf Champions League ekhempini yeKaizer Chiefs yize leli qembu likuqonda ukuthi ukuze kwenzeke lokhu, imiphumela eminingi emidlalweni yokusonga iDStv Premiership ngoMgqibelo, kufanele ivune lona.
Lokhu kuqapheleke izolo esithangamini nabezindaba lapho iChiefs ibizonaba khona ngamalungiselelo omdlalo wayo wokusonga neSwallows FC eFNB Stadium, eSoweto.
Izinkulumo zomqeqeshi obambile, u-Arthur “10111” Zwane, nabadlali bakhe ababili, (Bruce Bvuma noRamahlwe Mphahlele), abehamba nabo kulesi sithangami, zikucacise kwahlala obala ukuthi iChiefs isaphupha ngokuqeda isizini endaweni yesibili okuzobe kufeza iphupho layo lokubuyela kwiChampions League ngesizini ezayo.
“Akekho ongazi ekhempini ukuthi yini edingekayo ngoMgqibelo (amaphuzu amathathu). Nakulo mdlalo sizowufaka wonke umfutho ngenhloso yokuwina ngoba ithuba lokuqeda endaweni yesibili lisekhona,” kusho uZwane.
“Sisakholelwa ekutheni kusengenzeka noma yini ngoMgqibelo yize amathuba alokho emfimfa.
“Lo mdlalo wethu webhola unendlela yawo yokumangaza ngakho-ke siyazi ukuthi okwethu ukuthola umphumela oncomekayo kwiSwallows bese simincela ukuthi kubekhona oqhuzukayo kulaba esibanga nabo indawo yesibili.
“Yebo, mancane amathuba okuthi kwenzeke lokho kodwa akhona,” kusho uZwane evuma nokuthi indawo yesithathu nayo bazoyamukela.
Ukuze iChiefs (enamaphuzu angu-46) iqede endaweni yesibili, kufanele inqobe kwiSwallows ngamagoli amabili bese ithandazela ukuthi iCape Town City ishaywe yiStellenbosch FC ngaphandle kokuthola igoli kowabakhaya eKapa.
Akugcini lapho ngoba iRoyal AM, nayo esembangweni wendawo yesibili, isalelwe imidlalo emibili neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.
UBvuma uqhakambise ukubaluleka kokuqeda kahle isizini ebiyimbi.
“Kusemqoka ukuthi sinqobe ngoba sizobe sivale kahle isizini esingazange sithole nkomishi ngayo futhi okuyinto esidlayo.
“Umphumela oncomekayo kwiSwallows ungenza siye emaholidini simamatheka, okuzolandelwa ukuthi sibuye ngamandla ukuzolungisa amaphutha ngesizini ezayo,” kusho lo nozinti.
Yize iqembu lakhe lakudala libhekene nezembe, uMphahlele ukhale ngokuthi lifike ngesikhathi esibi lapho bewadinga kakhulu nabo amaphuzu.
“Ukuxhumana kwami neSwallows kuyohlale kukhethekile enhliziyweni yami kodwa kulokhu kuzoma kancane ngoba amaphuzu siwadinga kakhulu,” kusho uMphahlele.