UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ugabe ngobuthaka babadlali ayebaqeqesha kwi-Orlando Pirates ekutheni baqoqe amaphuzu agcwele uma sebebhekene naMaZulu FC koweDStv Premiership.
ISundowns izokwamukela Usuthu eLoftus Versfeld, ePitoli, ngeSonto ngo-3.30 ntambama. Kulo midlalo iSundowns izobe ibheke ukuqoqa amaphuzu amathathu azokwenza iqhubeke nokuhlala esicongweni se-log yePremiership njengoba izama ukuqhubeka nempilo ngaphandle komqeqeshi uPitso Mosimane. AmaBrazilians awakahlulwa kule sizini emidlalweni emithathu asayidlalile kwiligi. Nakuba uMokwena ebalule ukuqina koSuthu okudalwe wukusayinisa abadlali abaningi abasezingeni eliphezulu kodwa uveze ukuthi bazobusebenzisa ubuthaka abaziyo babadlali abekade ebaqeqesha kwi-Orlando Pirates asebeyinsika yoSuthu. Laba badlali nguXola Mlambo, Luvuyo Memela no-Augustine Mulenga.
“UXola Mlambo ungomunye wabadlali ababalulekile ababasayinisile. Ngesikhathi bebhekene neBlack Leopards ushaye into ecokeme kakhulu. Uyena obeqala iminyakazo yabo futhi wakha amathuba amaningi okushaya amagoli. U(Lehlohonolo) Majoro noMemela bajoyina uMulenga oyingozi kwayena phambili. Kufanele kubekhona esiqhamuka nakho,” kusho uMokwena ongomunye wabaqeqeshi abathathu abapheka iSundowns, okukhona kubona uManqaba Mngqithi noSteve Komphela.
“Kodwa nabo banobuthaka esibubonile endleleni abadlala ngayo. Sinethemba lokuthi sizokwazi ukusebenzisa ubuthaka bomdlali ngamunye esibaziyo ngoba bakhona abadlali esibaziyo. Kuningi esikwaziyo ngoXola, Mulenga, noMario (Booysens) ngoba naye udlalile lapha eqenjini. Sithemba ukuthi sizokwazi ukukusebenzisa lokho sidlale umdlalo ngendlela esifuna ukuwudlala ngayo.”
UMlambo, Mulenga noMemela bazobhekana noMokwena okokuqala kusukela ashenxiswa esikhundleni sokubaqeqesha kwiPirates ngesizini edlule. UMemela ubengumdlali oqavile esikimini sikaMokwena kweZimnyama.
OSuthwini laba badlali sebephenduke izethenjwa, bathwala amathemba abalandeli ngaphansi komqeqeshi u-Ayanda Dlamini. AmaZulu asendaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu amane emuva kwemidlalo emithathu. Ukuqoqa amaphuzu amathathu kungawafaka emshungwini wamaqembu aphezulu kwi-log yePremiership. Iphupho lomphathi omusha, uSandile Zungu, wukuthi Usuthu luqede isizini lubalwa namaqembu amane aphezulu.
Imidlalo yeDStv Premiership ngempelasonto:
Kusasa - Ngo-3.30pm: Golden Arrows v Kaizer Chiefs (Sugar Ray Xulu Stadium); Stellenbosch v Chippa United (Danie Craven Stadium); Black Leopards v Maritzburg United (Thohoyandou).
Ngo-6pm: Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium).
Ngo-8.15pm: Swallows v TS Galaxy (Dobsonville Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Mamelodi Sundowns v AmaZulu (Loftus Versfeld Stadium); Cape Town City v Bloemfontein Celtic (Cape Town Stadium).