UYAQHUBEKA umdonsiswano phakathi kwe-Al Ahly neConfederation of African Football (Caf), mayelana nenkundla okuzodlalelwa kuyo owamanqamu weCaf Champions League.
Iqembu lase-Egypt limemezele ukuthi udaba luludlulisele enkantolo yezemidlalo, iCourt of Arbitration for Sport (Cas).
Ngemuva kokubhudluza i-ES Setif yase-Algeria ngo 4-0 emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu eCairo ngempelasonto edlule, iRed Devils ibhalele iCaf ngeSonto icela ukuthi owamanqamu udlalelwe ezweni elingenalo iqembu elisembangweni kulo mqhudelwano.
Komunye owandulela owamanqamu iWydad Athletic yaseMorocco ishaye iPetro de Luanda yase-Angola ngo 3-1 ekuhambeni.
ICaf isichithile isicelo yaqinisekisa ukuthi owamanqamu uzoba ngoMeyi 30, eMorocco. Nowangesizini edlule phakathi kweKaizer Chiefs ne-Al Ahly wadlalelwa ezweni elifanayo.
Lokhu kusho ukuthi uma kwenzeka iqembu likaPitso Mosimane lidlulela kowamanqamu, lihambisana neWydad, elaseMorocco lizovunwa wukudlalela ekhaya.
"Lesi sinqumo siphambene nemithetho ye-Olympic Charter, iFifa kanye neCaf,” kusho isitatimende se-Al Ahly.
“Sicele iCas ukuthi ixazulule udaba ngaphambi komdlalo wamanqamu. Ngaphezu kwalokho, siyethemba ukuthi iCaf ngeke iphazamise ukwenziwa kobulungiswa futhi izohlinzeka iCas ngawo wonke amaphepha adingekayo.
"Isinqumo se-Al Ahly sokudlulisa icala kwiCas size ngemuva kokuthi iCaf ithathe isinqumo sokubamba umdlalo wamanqamu weCaf Champions League endaweni efanayo isizini yesibili ilandelana.
“I-Caf iveze ukuthi isinqumo sayo sidalwe ukuthi linye kuphela izwe elifake isicelo sokusingatha umdlalo kodwa ayizange ichaze ngezizathu eziholele ekutheni elinye izwe ebelizimisele, ligcine lihoxile."
Esitatimendeni esikhishwe yiCaf ngesikhathi imemezela izwe okuzodlalelwa kulona ithe abemabili kuphela amazwe abefake izicelo zokusingatha owamanqamu, okuyiSenegal neMorocco. ISenegal igcine isihoxisile isicelo sayo, kwasala iMorocco.
Phambilini bekuula ngoba umdlalo wamanqamu ubunemilenze emibili, okusho ukuthi iqembu ngalinye belithola ithuba lokudlalela ekhaya. Nokho kumasizini amabili edlule kushintshile kwaba ngumlenze owodwa kuphela.
Izingxoxo ziyaqhubeka ngaphakathi kwiCaf mayelana nokubuyela emilenzeni emibili esikhathini esizayo. Eminye imithombo yabezindaba iveze ukuthi umengameli weCaf, uPatrice Motsepe, akeneme ngokuqokwa kweMorocco.