I-CAPE Town City ishela uLebogang Manyama osanda kuxoshwa yiKaizer Chiefs.
Lezi zindaba Isolezwe lizitshelwe nguJohn Comitis ongusihlalo wawo amaCitizens.
"Simatasa sikhuluma noManyama, sifuna asijoyine. Silinde yena ukuthi asitshele ukuthi uthatha siphi isinqumo ngekusasa lakhe. Usitshele ukuthi unenkinga yeqakala. Uma kwenzeka liphola sifuna abe yingxenye yomndeni wethu futhi," kubeka uComitis.
Uma ngabe kugcina ngokuthi uManyama ayiqome iCity, uzobe ebuyela kuyo okwesibili. Ngezini ka-2016/17, wayeshisa engabaselwe kuyo.
Waze wanqoba umklomelo weLesley Manyathela Golden Boot. Washaya amagoli awu-13 ngaleyo sizini kwiligi. Wadla nomklomelo iPlayer of the Season nowePSL Footballer of the Season. Le mpumelelo yamvulela ithuba lokujoyina iKonyaspor yaseTurkey.
Wahlala isizini eyodwa wase ejoyina iKaizer Chiefs, ngo-2018. AmaKhosi amchithe ekupheleni kwesizini edlule eselizwa ngendaba ijezi.
Kwisizini edlule, ugijime imidlalo eyishumi kuphela yeligi nowodwa weNedbank Cup. Selokhu afika kwiChiefs udlale ewu-98, sekuhlanganiswe yonke miqhudelwano.
UComitis uyiphikisile imibiko ethi bacathamela uThulani "Tyson" Hlatshwayo osanda kuhlukana ne-Orlando Pirates. Uthe abakaze baxoxe naye.
Lesi sikhulu sibe sesibonga abadlali baso nomqeqeshi, u-Eric Tinkler, ngokufaka iqembu laso kwiCaf Champions League yangesizini ezayo. Lokhu kwenzeke ngenxa yokuqeda isizini besendaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership.
"Sisizwe ukuthi ezinyangeni ezedlule sihambise abanye abadlali sase sinika ithuba abasalambele ukudlala. Njengoba siya e-Afrika (kwiCaf), kuyasiphoqa ukuqinisa iqembu. Sifuna abadlali abanesipiliyoni nabafana abancane. Sizingela nomdlali wasemuva ohlangothini lwesinxele. UMashego (Terrence) odlala le ndawo ulimele. Emasontweni amabili ezayo, sizoba nomhlangano nethimba labaqeqeshi, sibonisane ngabanye abadlali esibadingayo nezindawo ezidinga ukuqiniswa,“ kulandisa uComitis.
Uveze nokuthi ukholelwa ekutheni banawo amandla okuqeda ukuchanasa kweMamelodi Sundowns esinqobe isicoco seDstv Premiership amahlandla amahlanu kulandelana.
"Ngikholelwa ekutheni ukube asibhacazanga ikakhulukazi emlenzeni wokuqala weligi, ngabe kukhulunywa okunye ngesicoco seligi. Empeleni sizibulele thina. Uma singenza isiqiniseko sokuthi siyawubamba umgqigqo esivale ngawo, singakwazi ukusidla isicoco seligi ngesizini ezayo. Sineqembu eselitshengisile ukuthi linawo amandla nomfutho wokunqoba," kusho lesi sikhulu.
Kungokwesikhombisa iCity iqeda emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kulandelana. Leli qembu lisanda kumemezela ukuvuselela ngonyaka inkontileka yomdlali wayo wasesiswini, uMpho Makola.