XOLILE MPISANE
AMAQEMBU aseke anqoba amahlandla amaningi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), i-Egypt neNigeria, yiwona okubhekwe ukuthi ahambe phambili kweyamaqoqo kuGroup D, lapho eqhathwe khona neSudan neGuinea-Bissau.
Nakuba iSudan yayingelinye lamaqembu amathathu adlala kwi-Afcon yokuqala ngo-1957, isayiphakamise kanye kuphela le ndebe futhi akulindelekile ukuthi idlulele phambili kuleli qoqo, yize ayilona iqembu elifanelwe ukubukelwa phansi.
IGuinea-Bissau isanda kuzakhela igama ebholeni kuleli zwekazi kodwa imiphumela eyitholile eminyakeni emihlanu edlule, ikhombisa ukuthi iya ngokuya ithuthuka nokuyenza ibe yingozi.
Egypt
Isiteketiso: Pharaohs
Umqeqeshi: Carlos Queiroz (Portugal)
I-Egypt izobe ilangazelele ukudlulisa indumalo ye-Afcon ka-2019 lapho yakhishwa khona yiBafana Bafana emzuliswaneni wamaqembu angu-16 ibe idlalela ekhaya.
Izicoco eziyisikhombisa zichaza ukuthi oPharaoh sebewunqobe kaningi kunawo wonke amaqembu lo mqhudelwano kodwa okukhathaza abalandeli ukuthi bagcina ukuphakamisa le ndebe ngo-2010.
Njengoba bemagange ukubuyisa isithunzi sabo njengeqembu elihamba phambili e-Afrika, baqashe umqeqeshi onamava, uCarlos Quieroz, ukuthi ahole iqembu elakhiwe ngabadlali abagijima kumaligi amakhulu emhlabeni nabadlalela amaqembu amakhulu kwiligi yase-Egypt.
Izinga lokuzethemba liphezulu njengoba benqobe kathathu kweyokuhlungela badlala ngokulingana kathathu. Benze kahle nakweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba beqhubeka nerekhodi lokungahlulwa.
Isethenjwa saleli qembu, umgadli weLiverpool, uMohammed Salah, okumanje uthathwa njengomunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni. Uzodinga ukwesekwa ngabadlali abafana noMohamed Elneny we-Arsenal, noMohamed Sherif we-Al Ahly ukuqhulula amagoli azobadlulisela phambili.
Nigeria
Isiteketiso: Super Eagles
Umqeqeshi: Augustine Eguavoen (Nigeria)
Izikhulu neNigerian Football Federation zithathe isinqumo ebesingalindelekile sekusele inyanga kuqale i-Afcon, zikhetha ukumkhomba indlela obeqeqesha iqembu uGernot Rohr.
Baqashe umqeqeshi wasePortugal, uJose Peseiro, kodwa kulo mqhudelwano izintambo zizophathwa ngu-Austin Eguavoen obeyiphini likaRohr futhi owake waba ngukaputeni weqembu lesizwe.
Kuzocaca eCameroon ukuthi lesi sinqumo sizowuphazamisa yini umgqigqo omuhle leli qembu ebelikuwona kweyokuhlungela i-Afcon neNdebe yoMhlaba.
Ngemuva kokuqeda endaweni yesithathu kwi-Afcon yango-2019, nakanjani abalandeli bamaSuper Eagles babheke ukuphinde basithathe lesi sicoco njengoba benza ngo-1980, 1994 nango-2013.
I-Nigeria igqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokungabibikho komgadli ongalibheki ipali, uVictor Osimhen, ohaqwe yigciwane iCorona, okuchaza ukuthi sekuzobhekwa uKelechi Iheanacho weLeicester City no-Alex Iwobi we-Everton okushayeni amagoli.
Sudan
Isiteketiso: Falcons of Jediane
Umqeqeshi: Burhan Tia (Sudan)
ISudan kudingeke ukuthi isebenze kanzima ukuze ibuyele kwi-Afcon okokuqala kusukela ngo-2012, ngesikhathi iqeda endaweni yesibili eqoqweni lokuhlunga ebelihlanganise iGhana neBafana Bafana.
AmaFalcons ayebalwa namaqembu aphezulu e-Afrika ngesikhathi kusungulwa lo mqhudelwano ngo-1957, agcina enqobe isicoco sokuqala ngo-1970. Kusukela lapho asadlule kanye kuphela esigabeni samaqoqo, efinyelela kuma-quarterfinal ngo-2012.
ISudan ingelinye lamazwe azoya kulo mqhudelwano nomqeqeshi omusha kulandela ukuxoshwa kukaHubert Velud ngoDisemba ngenxa yemiphumela engemihle kwi-Arab Cup.
Umqeqeshi omusha uBurhan Tia uzobe ehola iqembu elakhiwe ngabadlali bamaqembu amakhulu aseSudan, i-Al Hilal ne-Al Merrikh namanye. Uyedwa kuphela odlala ngaphandle kwaseSudan. Lowo ngumdlali wasemuva u-Athar Attahir, odlalela iSmouha Al-Masry yase-Egypt.
Guinea-Bissau
Isiteketiso: African Wild Dogs
Umqeqeshi: Baciro Cande (Guinea-Bissau)
IGuinea-Bissau ingelinye lamazwe ase-Afrika ahlomule ngokuba nabadlali abazalelwa e-Europe abakulungele ukuyodlalela amazwe lapho imvelaphi yabo ikhona.
Ngenxa yalokhu, isiyakhe iqembu eliqinile elikwazile ukungena emiqhudelwaneni emithathu ye-Afcon ilandelana. AmaWild Dogs azobe ebheke ukudlula esigabeni samaqoqo okokuqala ngemuva kokuhluleka ngo-2017 nango-2019.
Okunye okuzowasiza wukuthi asacijwa umqeqeshi ofanayo kusukela ngo-2016, okusho ukuthi iqembu linesisekelo esiqinile. Akungabazeki ukuthi umqeqeshi uCinde nabanye abadlali abasekhona eqenjini, bazosebenzisa ulwazi abaluthole emiqhudelwaneni edlule.
Phakathi kwabadlali okulindeleke ukuthi benze kahle kulo mqhudelwano kubalwa abagadli uPiqueti Silva, odlalela i-Al Shoalah yaseSaudi Arabia, noFrederic Mendy ogijima kuVitoria Setubal yasePortugal.