AMAZULU FC ngoLwesithathu emini athule u-Ayanda ’’Cobra’’ Dlamini njengomqeqeshi wawo omusha ozobamba amatomu ngokugcwele kusuka ngesizini ka-2020/2021.
Isizini ka-2020/2021 iqala ngo-Okthoba 8 kanti Usuthu, lusindiswe nguye uDlamini ezembeni elusiza luqede endaweni ka-13 ngamaphuzu angu-30.
Yilawo magalelo akhele uDlamini ugazi kubaphathi baMaZulu, abasolwa kakhulu ngokuthi iqembu lihlezi livika izembe.
Nokho uSokhela noDlamini bavumelana ngokuthi ukwazi izinkambiso zeqembu kwalo mqeqeshi osemncane, kuzoba nomthelela omuhle ekutheni enze umsebeni oncomekayo.
’’Sithanda ukumbonga uDlamini ngomsebenzi omuhle awenzele iqembu. Kuyintokozo ukumethula njengomqeqeshi weqembu ngokusemthethweni enkontilekeni yeminyaka emithathu,“ kusho uSokhela.
’’Akubanga nzima neze ukuqoka uDlamini njengomqeqeshi. Simazi kahle futhi sinethemba elikhulu lokuthi uzoqhubeka alisebenzele kahle nangokuzikhandla iqembu.
’’Uma ubheka kahle emhlabeni njengamanje, abaqeqeshi baqokwa ngakho ukuthi banomlando nobudlelwano obuhle njengeqembu. Bheka koReal Madrid banoZinedine Zidane, uMikel Arteta kwi-Arsenal nabanye.’’
@AmaZuluFootball asethule ngokusemthethweni u-Ayanda Dlamini njengomqeqeshi weqembu ngokugcwele. Usayina inkontileka yeminyaka emithathu @IsolezweNews pic.twitter.com/YRvkzZ1Bcb
— Malibongwe Mdletshe (@Malbingo) September 9, 2020
UDlamini, ofike kuMaZulu njengomgadli eminyakeni engaphezu kwengu-10 edlule naye ukhombise ukuyamukela inselelo.
’’Njengomqeqeshi osemncane kuyangikhuthaza ukuthi nginikwe lo msebenzi. Empeleni ukwethenjwa kuyangijabulisa futhi kuyangikhuthaza kakhulu. Iqembu impela ngilazi kahle, ngiyathemba kuzongisebenzela nalokho,“ kusho uDlamini, obingelele kulesi sikhundla ngokutalabha iKaizer Chiefs ngo 1-0 eFNB Stadium ngoMashi.
Okuvezwe nguSokhela wukuthi basazothungatha iphini lomqeqeshi elizosebenzisana noDlamini kwazise uMoeneeb Josephs obemsiza uyashiya.
UJosephs sekukekwavela ukuthi akazimisele ukugxila ekuqeqesheni kodwa ufuna ukuqhubeka namabhizinisi.