ISIKHULU esiphezulu kwiBaroka FC, uMorgan Mammila, siphumele obala sathi asinqabile nesikhwishikhwishi esifunwa amaqembu amakhulu eNingizimu Afrika uTalent Chawapiwa waseZimbabwe.
UMammila uthe iqembu elifuna lo mdlali kuzofanele lilungise imali elinganiselwa kuR3million kuya kuR5million. Ekhuluma ngeledlule eseKing Zwelithini Stadium, ngesikhathi iBaroka ishaywa AmaZulu FC ngo 1-0 emdlalweni we-Absa Premiership, uMammila ukuchithile ukuthi iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns sebeke bamthinta mayelana nalo mdlali.
“Alikho iqembu eselike lasithinta ngoTalent. Nami ngizwa ngamahemuhemu ukuthi ufunwa iChiefs, akukho nokho okusabekwe etafuleni okubambekayo. UChawapiwa angenqabile naye, imali abiza yona iphakathi kukaR3million kuya kuR5million. Empeleni uma eqhubeka edlala kahle, izokuya ngokukhuphuka. Okumele kwenziwe uTalent ukuthi aqhubeke nokudlala kahle, ukuze leli qembu elicashile okuthiwa liyamfuna lizophumela obala,” kusho lesi sikhulu.
Leli phephandaba like labika ukuthi uChawapiwa uyindoda efunekayo eGauteng. Empeleni kuthiwa kuke kwafufusa umbango ongasukumi phansi phakathi kweSundowns neChiefs kubangwa lo mdlali.
“Sizivulile izandla emaqenjini afuna uTalent. Asibona abantu abambi abangavimba umdlali uma esefuna amadlelo aluhlaza. Uma okubekwa etafuleni kusigculisa, akukho nakancane okungavimba ukuthi ahambe,” kuqhuba uMammila.
Ngesikhathii iBakgaga Ba Mphahlele idlala noSuthu ngeledlule, kwavela obala ukuthi iningi labadlali beBaroka basebancane futhi abanaso isipiliyoni se-Absa Premiership. UMammila uthe kusesekuseni kakhulu basazothenga abanye abadlali ngoba abaziboni nakancane bevika izembe.
“Kuzoba isizini enzima yona kodwa cha silapha ukuzohlala asiziboni nakancane sivika izembe. Sisazoqhubeka sibheke emakethe abanye abadlali, ngoba njengamanje sikhuluma nomgadli ohlonishwayo, engicabanga ukuthi sizoqeda konke naye kungekudala (akafunanga ukumdalula ngenxa yokuthi unenkontileka neqembu thizeni). Kodwa engingakusho nje, sisabheka abadlali emakethe. Sisazosayinisa abanye abadlali,” kusho lesi sikhulu ngokuzethemba.
Siphinde sakuqinisekisa ukuthi sifuna umqeqeshi waso
uWedson Nyirenda afake iqembu kwiTop 8.
Umdlalo olandelayo weBaroka uzoba namuhla neCape Town City, ePeter Mokaba Stadium ngo-7.30 ebusuku.