ILULE igebe esicongweni se-log ye-Absa Premiership iMamelodi Sundowns iqhubeka nokubamba umgqigqo inqoba umdlalo wesithathu ilandelana okuyinto engaziwa emaqenjini akuleli kule sizini.
Igoli likaPercy Tau elingene ngomzuzu ka-63 yilona elenze umehluko kulo mdlalo obuseLoftus Stadium, ePitoli, izolo ebusuku.
I-Maritzburg ibize kulo mdlalo ishayela phezulu ngemuva kokuhlohla amagoli ayisikhombisa emidlalweni emibili edlule, ibhuquzisa iCape Town City neBaroka FC ngokulandelana.
Nokho imizamo yayo izolo iphelele obala ihluleka wukusebenzisa amathuba yize ebe mbalwa ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.
Ngokunqoba umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, kufanele ukuthi usethembe ukuthi abafana bakhe bazosibamba lesi sigqi nasemidlalweni emibili elandelayo ukuze bavale unyaka behleli ngokukhululeka esicongweni.
NgoMgqibelo iSundowns izokwamukela iBloemfontein Celtic enkundleni efanayo bese ilandelisa ngeCity ngoLwesibili oluzayo.
Kuyiwe ekhefini zibambene ngeqanda, kucaca ukuthi uMosimane akanememe ikakhulukazi ngezinqumo zikanompempe. Ubesola ukuthi bayathanjiselwa abadlali be-United abebeqinisa unyawo kumafolosi akhe. UTau nguyena obewumgilwa omkhulu. Ubezithwalisa kanzima izitobha zeTeam of Choice, zona zimkhubaze ngokuqinisa unyawo, uma zihluleka zisebenzise amandla. UBrian Onyango noSiyanda Xulu bagoduke namakhadi aphuzi.
UXulu ubesethola elesine okusho ukuthi uzophuthwa wumdlalo wabakhaya abazobhekana kuwo neLamontville Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium ngeSonto.
Komunye umdlalo wayizolo, iFree State Stars ishaye iSuperSport United ngo 1-0 wegoli likaSiphelele Mthembu eGoble Park.
I-SuperSport isaqhubeka nokudedela amaphuzu ngemuva kokuthi idlale ngokulingana neCape Town City ne-Orlando Pirates emidlalweni edlule.
ISuperSport ilandela ngemuva ngemidlalo njengeSundowns kodwa isahluleka ukusebenzisa lokho ukuze isondele emaqenjini azoshubisa umbango wesicoco.