Lamontville Golden Arrows (0) 0
Mamelodi Sundowns (1) 1
AGCINE evumile amaphuzu agcwele kwiMamelodi Sundowns kulandela iwini yayo ebe yingcacamezela kwiLamontville Golden Arrows ngaphansi kwe-Absa Premiership izolo ebusuku ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Ngemuva kokucazelana amaphuzu imidlalo emithathu ilandelana iDowns igcine iphumelele ukuwaqoqa egcwele okuyisuse endaweni yesishiyagalolunye kwi-log.
Umqeqeshi weSundowns, uPitso “Jingles” Mosimane osematheni kulezi zinsuku ngezinsolo zokushaya unogada, uqhamuke engagadwe muntu kulo mdlalo. Lokhu kwehlise umoya kubathameli balo mdlalo kwazise bekukuningi okukhulunyiwe ngobekulindeleke ukuthi kwenzeke kuwona (umdlalo).
Ukungabajwayeli kahle abadlali basemuva beSundowns kukaReyaard Pieterse kucishe kwadala umonakalo ngomzuzu wesibili ngesikhathi uLerato Lamola ezithola esethubeni kade lo nozinti engaxhumananga ngendlela nezitobha zakhe.
Akuzange kucace noma lo nozinti umdlalise kabi yini uLamola kodwa ibhentshi le-Arrows belibona kufanele linikwe iphenathi.
Imizuzu yokuqala iSundowns ibihluleka ukuphuma engxenyeni enkulu yayo kodwa i-Arrows ibingeyona ingozi kangako yize ibifika iphindelela emapalini ezivakashi.
Ngaphandle kwama-freekick, amakhona neminyakazo ebithusa abalandeli kuphela, ne-Arrows ibingakhombisi ukuthi ingalithola igoli. ULamola kuphela obenezimpawu zokuba wuhlupho odongeni lweDowns.
Ngaphandle kwezikhalo ngamaphenathi zinhlangothi zombili size sacishe saphela isiwombe sokuqala kungekho magoli kodwa waqhamuka uLebohang Maboe ngemizuzu yokugcina yaso (isiwombe) walivalela phakathi ngemuva kwesibhudubhudu.
Womabili la maqembu abuye ngomfutho ofanayo ekhefini kodwa nakhona bekuseyinto efanayo nebeyenzeka kwesokuqala isiwombe zithengana futhi ziphaselana ngaphandle komphumela oncomekayo.
Uze washintsha uClinton Larsen ngomzuzu ka-61 ekhipha uDanny Venter noThabo Molefe ezindaweni zabo wafaka uWayde Jooste noSandile Zuke.
Nakuba i-Arrows ibisilifuna ngenkani igoli umdlalo usuya ngasemaphethelweni lokhu bese kunzima ukukwenza ngoba neSundowns ibingasahlaseli ivale emuva.
Bese kuwu-Ali Meza obepaquza yedwa phambili kucaca ukuthi uMosimane obesefake noTiyani Mabunda uzimisele ngokuqeda leli shobolo ebelimlandele eshwetshwa amaphuzu agcwele.
n Komunye umdlalo e-Orlando Stadium i-Orlando Pirates ilahle ithuba lokuqoqa amaphuzu agcwele idedela iCape Town City ukuthi ibuye kade iBucs isihamba phambili ngo 2-0 ngesiwombe sesibili. Umdlalo ugcine uphele ngo 2-2.