INOMBELE yahlala esicongweni se-Absa Premiership i-Orlando Pirates eyenze engakujwayele ngesikhathi ishayela ekhaya iPolokwane City emdlalweni we-Absa Premiership izolo ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Imizuzu yokuqala ewu-25 bekungeyeqembu lasekhaya kodwa amathuba amahle ebeliwathola abengasetshenziswa ngendlela.
Nakuba bekunjalo kodwa iPolokwane ibibonana kangcono futhi kunguJackson Mabokgwane obesebenza kakhulu ngoba ubeshayelwa impela uma uqhathanisa noGeorge Chigova.
Kulo mdlalo uMilutin Sredojevic opheka iBucs ufeze isethembiso sakhe ngabadlali bakhe abebengakalitholi ijezi kusukela isizini iqalile. Lo mqeqeshi uthembise ngeledlule ukuthi bazobonakala bonke laba badlali abafike bethwelwe ngeqoma kodwa lutho ukuthola imizuzu enkundleni.
Lo mdlalo iBucs iwuqale ngoMabokgwane ongalazi ijezi kanti phambi kwakhe bekukhona uMarcelo da Silva waseBrazil, Asavela Mbekile obengakaze alidlubhe eleZimnyama kusukela esayine kuzona esuka kwiMamelodi Sundowns noLinda Mntambo naye elimeqa ekhona.
UThabo Qalinge noPaseka Mako, abajwayele ukuqala ebhentshini, basuke nawo phansi lo mdlalo obekwenza kubonakale esiwombeni sokuqala ukuthi iPirates ayiyona le ejwayelekile.
Kulo mdlalo kubonakale noMpho Makola eqala umdlalo kanti ungomunye walaba badlali abalizwa ngendaba ijezi kusukela kuqale isizini.
Ngasemaphethelweni esiwombe sokuqala iPirates ibisikhombisa izimpawu zokuhlangana kuvela namathuba kuJustin Shonga kodwa engawasebenzisi ngendlela. Okucacile kwiBucs ukuthi isijwayele ukudlala ngoXola Mlambo ohlanganisa yonke into noVincent Pule okunguyena ozihola phambili ngamagoli kwiBucs.
Ngemuva kokubhudubezana izikhawu emvuleni esiwombeni sesibili, uMarcelo ubingelele abalandeli beBucs ngegoli lakhe lokuqala ngomzuzu ka-59. Bekumele iqede iPirates ngoka-61 lapho uThembinkosi Lorch elibeke eceleni esekwenze konke kade ethole iphasi kuThabiso Kutumela obesanda kungena.
Ugcine ebasulile abalandeli bePirates izinyembezi uShonga ngomzuzu ka-66 ejikijela inguzunga yeshodi kade kuyi-freekick wasala enkemile uChigova. Ulivalile ihlazo lePolokwane u-Ayanda Nkili ngomzuzu wokugcina.
IBucs izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weligi obhekwe ngabomvu eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.