IZIFISO zami zokuba nebhayisikili ngesikhathi ngisengumfanyana, aziphumelelanga futhi kwaze kwafika lapho ngiphonsa khona ithawula.
Phela ngalezo zikhathi kwakudlisa kakhulu ukuba nebhayisikili futhi iningi lontangayethu lalinawo ikakhulukazi lawa abizwa ngamaBMX. Ngesikhathi ngidlulisa isicelo sami sokuba nebhayisikili kumama, washeshe wakucacisa ukuthi ngeke akwazi ukungithengela.
Kwakungeve kuwukuthi wayengafuni kodwa isimo sasekhaya yisona esasingavumi nhlobo. Ngagcina sengikwamukele ukuthi angisoze ngibe wumnini webhayisikili noma sengikhala kodwa ngagcina ngikwazi ukuligibela futhi namanje ngisengalishova ngilikhiphe inkani.
Sengiyaye ngihleke uma ngicabanga isibhaxu angithela sona umama mhla ngigingqwe yibhayisikili. Ngalimala kakhulu, ngakho umama wavele wangifaka induku engibuza ukuthi ngizoze ngicishe ngikhishwe umoya yibhayisikili nje wake wangithengela yini?
Okungikhumbuza indaba yokukhula kwami nebhayisikili yisimo sezemidlalo engisibona eNingizimu Afrika njengamanje. Kuyinto ebuhlungu kakhulu ukuthi abantu ‘abanelungelo’ lokubuka ezemidlalo kuleli yilabo abanemali abakwazi ukukhokhela iDStv.
Ezweni elizigqaja ngokuthi sekuphele iminyaka ewu-25 lakhululeka kuyihlazo kakhulu ukuthi wonke amaqembu esizwe ezemidlalo abukwa yidlanzana labantu abanemali, bese kuthi bonke abanye abaqhathanisa usizi bazithole bemunca iminwe.
Ngihlale ngizikhumbuza nje uma ngibuka iqembu lesizwe lekhilikithi, amaProteas, ukuthi baningi kangakanani abamnyama abawaziyo lo mdlalo nabasuke befisa ukuhlala phansi bawujabulele usuku lonke.
Kwenzeka into efanayo noma kudlala elesizwe lebhola lombhoxo, amaBhokobhoko. Lo mdlalo sewuqondwa futhi uthandwa abantu abaningi abamnyama kodwa abaningi bezwa ngendaba ukuthi bekudlala amaBhokobhoko.
Sekucacele noma ubani ukuthi lokhu sekuzokwenzeka nakwiBafana Bafana, iBanyana Banyana namanye amaqembu esizwe kanobhutshuzwayo nesibhakela. Angifuni nokuyiphatha eye-netball ngoba vele kade kwenzeka ukuthi ibukwe yilabo abaneDStv kuphela.
Ngeke ngingene ngigamanxe ekudonsisaneni okuphakathi kweSABC neSuperSport mayelana nokuthengiselana amalungelo okusakaza imidlalo yebhola ngoba kuzongixaka. Engizibuza kona nje ukuthi yizwe elinjani leli lapho ezemidlalo zibukwa abantu abanemali kuphela, abangakumela ukukhokhela iDStv?
Kulo leli phephandaba engiloba kulona le ngosi sihlale sizama ukugqugquzela abahlwayi bekhono ukuthi bangakhohlwa yizindawo zasemakhaya ngoba ikhono kwezemidlalo liyintaxa.
Manje ngiyazibuza ukuthi lo mfanyana noma le ntombazanyana basemakhaya okufanele bagqugquzelwe ukubona abadlali abafana noSiya Kolisi (ukaputeni wamaBhokobhoko), Kagiso Rabada (umshwibi wamaProteas), Thulani Hlatshwayo (ukaputeni weBafana), Bongiwe Msomi (ukaputeni welesizwe kwi-netball), Thembi Kgatlana (umgadli weBanyana), bazokubona kanjani konke lokho ngoba imizi eminingi le emakhaya ayinayo iDStv?
Kweminye imizi uthola ukuthi sekwasala indishi ngaphandle kodwa ayisadlali iDStv ngoba abantu abaningi abamnyama bayazihluphekela. Kakade ngeke ukhethe ukukhokhela i-decoder kunokuthatha leyo mali ugcwalise kuphume impuphu nesishebo.
Ngabe sikhululekile ngempela eNingizimu Afrika uma izinto zihamba kanjalo? Ukuzibonela nje uThembinkosi Lorch (Orlando Pirates), Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs) noThemba Zwane (Mamelodi Sundowns) sekumele kube yinto yedlanzana?
Akuyona iNingizimu Afrka esayilwela lena ukuze kukhululeke wonke umuntu.
Njengomuntu othanda ezemidlalo, akuvumi ngikwamukele ukuthi kumele zibukwe yilabo abathi uma beshaya ephaketheni kungazweli kakhulu. Kodwa okuhlalukayo njengamanje ukuthi labo abahluphekayo eNingizimu Afrika basazoqhubeka bahlupheke kakhulu, bese kuthi labo abakwaziyo ukukhipha imali benze izinto kube yibona abazohlale bejabula.
Ngiyaphinda ngiyabuza; yizwe elinjani kanti le Ningizimu Afrika? Ngaphandle nje kwesimo sokuthi ngangifuna ukuba nebhayisikili kodwa ngagcina ngingenalo, ngikhumbula kahle ukuthi kwakubuye kushayise namahloni ukucela ukuyobuka ibhola komakhelwane. Njengoba indaba yobukhelwano seyifana nento efile esikhathini samanje angifuni nokucabanga ukuthi kukhona ongamela ukuthi kulokhu kuzongcoliswa kwakhe kuzobukwa ibhola ngoba nakhu kunguyena oneDStv.
Ngiyavuma ukuthi ngagcina ngikwamukele ukuthi ngangingasoze ngibe umnikazi webhayisikili ngenxa yesimo engakhula ngaphansi kwaso. Engingakuqondi nokho ukuthi abathandi bezemidlalo eNingizimu Afrika (ikakhulukazi unobhutshuzwayo) bazokwamukela yini ukuthi (ezemidlalo) kumele zibukwe abakwazi ukukhokhela iDStv kuphela?
Ngiyazi njengamanje akukho abangakwenza ngaphandle kokufunda imiphumela emaphephandabeni ngakusasa, selidume ladlula.
- Phansi Emgodini