KUBHEKWE ngabomvu ukuthi ngabe “izintwana” zeKaizer Chiefs zizokwazi yini ukuphindiselela “obhuti” bazo kwiRoyal AM namuhla ngo-12.30 emini, emdlalweni weDStv Diski Challenge obhekwe ngabomvu eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Kule sizini nje iyodwa iThwihli Thwahla endala, isinabise Amakhosi amahlandla amabili.
Iwanenebule ngo 4-1 emzuliswaneni wokuqala wesizini, yaphinda yawathela u 1-0 emzuliswaneni wesibili.
Ngakho akungatshazwa ukuthi umdlalo wanamuhla weDiski Challenge uzodonsa amehlo.
Womabili amaqembu aya emdlalweni ewadinga ngokufanayo amaphuzu, ikakhulu iRoyal AM elwela ukusuka endaweni engeyinhle kwi-log.
I-AM isendaweni ka-12, kanti iChiefs isendaweni yesishiyagalolunye.
Umqeqeshi weChiefs, uVela Khumalo, uveze ukuthi kuzoba yinselelo kwezakhe ukuya emdlalweni zishoda ngenxa yabadlali abakhungethwe yiCovid-19 nokulimala.
Uthe kodwa bazimisele ngokuwunqoba umdlalo wasekuhambeni, futhi inhloso yabo wukuqeda isizini bebalwa namaqembu amane aphezulu kwilog yeDiski Challenge.
“Inhloso yethu wukwenza kangcono, nokuthola abadlali abafanele, ikakhulu ngoba sibuyela kule midlalo ngaphandle kwabanye abadlali bethu abanjengoSiya, uNtandeyonkosi Nkosi noJordan Sampson.
“Nokho, engingakusho ngaphandle kokungabaza wukuthi asiyele ukuyonikela ngamaphuzu kulo mdlalo esiyowudlala,” kusho uKhumalo exoxa neSupersport.
Umqeqeshi weRoyal AM, uSazi Ngubane, akatholakalanga ukuphawula ngalo mdlalo kodwa kulindelwe bavuke bazithathe kwazise basekhaya.
EzikaNgubane ziqede unyaka ngenothi eliphansi zishaywa emidlalweni emibili ilandelana yiBaroka FC ngo 1-0, zaphindwa yi-Orlando Pirates ngaye u1-0 ngaphambi kwekhefu lamaholidi kaDisemba.
Ngesifanayo nakuMakhosi njengoba nawo evale unyaka ngesibhaxu eguqiswa yiCape Town City ngo 2-1, aphindwa yiSupersport United ngo 1-0.
Isiyonke imidlalo yeDStv Diski Challenge:
Namuhla:
Stellenbosch FC v TS Galaxy (Idas Valley Ground, 10am); Marumo Gallants v Chippa United (Old Peter Mokaba Stadium, 10am); Maritzburg United v AmaZulu FC (Harry Gwala Stadium, 10am); Supersport United v Cape Town City (Lucas Moripe Stadium, 12am); Royal AM v Kaizer Chiefs (Harry Gwala Stadium, 12.30pm)
Kusasa:
Baroka FC v Golden Arrows (Dr. Petrus Molemela Stadium, 10am); Sekhukhune United v Swallows FC (Dr. Petrus Molemela Stadium, 12.30pm); Mamelodi Sundowns v Orlando Pirates (Lucas Moripe Stadium, 2.30pm).