BABAMBE umoya abaphathi baMaZulu ngokuthi iyozala nkomoni uma sekuhlangana isigungu esiphezulu sePremier Soccer League (PSL).
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto kulo mhlangano isigungu silindeleke sithathe isinqumo esingujuqu mayelana nokuthi siyavumelana noma siyaphikisana nokuthengwa kwegunya leThanda Royal Zulu lokudlala kwiPremiership.
“Kufanele isinqumo siphume nePSL ngalolu daba sidalulwe ngoLwesihlanu njengoba sizobe sihlangane ngoLwesine lapho nalolu daba luzodingidwa khona,” kusho umthombo.
Ebuzwa ngalolu daba uLuxolo September uthe akanalo ulwazi ukuthi kuqhubekani. “Noma ngingenalo ulwazi kodwa ezindabeni ezifana nalezi kuyaye kube yisigungu esiphezulu esithatha isinqumo.”
UQedi Dlamini, oyimenenja kuMaZulu utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi liyatholaka ilungelo noma cha lokudlala esigabeni esikhulu akakugqiziqakala ngoba vele abazange bavale njengoba amaqembu esahlabe ikhefu, bebephansi phezulu befuna abadlali abazoqinisa ngabo ngisho noma ngabe badlala kusiphi isigaba.
Okwenza bamince abaphathi baMaZulu kungesizathu sokuthi kuzokube kungekhona okokuqala bebheke okhalweni kugcine ngokuthi bashaywe ngemfe iphindiwe yiPSL.
Kwenzekile kumasizini amabili edlule lapho uSuthu lwaluzama ukuthenga iMpumalanga Black Aces kodwa ekugcineni abalandeli sebethembile ngokuthi bazobuka iqembu labo kwiPremiership, kwathiwa isicelo sabo asiphumelelanga.
“Besingaphumule besisebenza sithungatha abadlali abanye esesibasayinile. Kwasebesayinilie kukhona uSomila Ntsundwana, Philiph Ndlondlo no-Aubrey Ndukwana bobathathu bebedlala kwiBidvest Wits kwiqembu ebelidlala kwiMDC (Multichoice Diski Challenge. Siphinde sasayina uSikhumbuzo Mazibuko obekwi-SuperSport United,” kusho uDlamini.
Uphinde waveza ukuthi kunabanye ababasayinile okuzobunjwa ngabo iqembu lesibili loSuthu (Reserve Team).
UDlamini uphinde wayichitha imibiko okuthiwa ithe chithisaka emaphephendabeni aseZimbabwe ethi umdlali wabo * -oVidy Karuru ufunwa amaqembu aseScandanavia.
“Siyibonile leyo mibiko emaphephendabeni aseZimbabwe kodwa alikho iqembu eselike lasithinta ngalo mdlali njengoba esengowaMaZulu. Kuze kube kukhona abaxoxa nathi ngaye le mibiko siyithatha njengento engekho,” kusho uDlamini.