I-Orlando Pirates ishiye abaningi bekhexile ngesikhathi imemezela uFadlu Davids wodumo kwiMaritzburg United njengephini lesibili likaMilutin "Micho" Sredojevic.
IBucs isayinisa lo mqeqeshi onekusasa eliqhakazile nje, usanda kukhonjwa indlela kwiTeam of Choice ayibeke kowamanqamu weNedbank Cup ngonyaka odlule. UDavids uzosebenza noRulani Mokwena ukusiza uMicho kulo msebenzi wokubuyisela iBucs udumo lwayo lwakudala.
Uzongena lapho kuphume khona uBenson Mhlongo osekuphele izinyanga ezinhlanu eshiyile kwiBucs wayozimela kwiNational First Division (NFD).
"Ngemuva kokuhlala isikhathi esicela kuhhafu wonyaka singavaliwe isikhala sikaBenson Mhlongo, sizizwa sinokukhulu ukujabula ukunethulela uFadlu Davids njengephini lesibili," sisho kanje isitatimende esiwele kuPotshoza sikhishwa yiBucs ngalo mqeqeshi oneminyaka engu-37 ubudala.
NgokukaPotshoza, uDavids ubelindeleke kwiChiefs kodwa izinkinga ezithile zaholela ekutheni kuqashwe uShaun Bartlett ukusiza u-Ernst Middendorp.
— Orlando Pirates FC (@orlandopirates) January 15, 2019
Kungena elikaMiddendorp nje, uDavids uyaziwa ukuthi ufana nendodana kulo mqeqeshi weChiefs. Ubesebenza ngaphansi kwakhe kwiMaritzburg ngaphambi kokugila izimanga esezimele nyakenye.
UDavids uyaziwa ukuthi uthanda ukusebenza nomfowabo uMahier Davids okunguyena obemsiza bebeka iMaritzburg endaweni yesihlanu kwi-log nakowamanqamu weNedbank ngesizini edlule.
Ukufika kukaDavids kujatshulelwe nawusihlalo weBucs, u-Irvin Khoza. "Kukona konke, ngijathsuliswe kakhulu yindlela abanye abaqeqeshi abayamukele ngayo indaba yakhe nokuthi uyasijoyina. Ngivumeleni ngamukele uDavids kwiBucs. Okungijabulisa kakhulu ukuthi manje sengiphethe abaqeqeshi ababili abasebancane kodwa okungangatshazwa ukuthi bayikusasa kulo mdlalo," usho kanje uKhoza kwi-website yeBucs.