BABHEKENE ngeziqu zamehlo abadlali beBlack Leopards emuva kokuthi kuvele ukuthi kuneqeqebana labadlali abadala abakhonondo ngezizumbulu zemali eziholwa ngabadlali abasanda kufika.
Ngokwemithombo eyehlukene, abadlali beLeopards abasuke neqembu kwiNational First Division (NFD), abanye abazalelwe eLimpopo, bathi abadlali abasha baphathiswa okwamaqanda futhi bagoduka netshe lemali uma kuphela inyanga. Kuvela nokuthi abanye abadlali kabaneme ngokunikezwa ibhande kukaThabo “Festival” Matlaba kube kukhona abadlali abazi yonke into ngeqembu abaneminyaka belidlalela.
Iqembu laseLimpopo lisanda kusayina uMatlaba, Thuso Phala, Cuthbert Malajila noMogakolodi Ngele, ukubala nje abambalwa.
“Abadlali abadala eqenjini kabaneme neze ngendlela abaphathwa ngayo abadlali abasha. Ngaphandle nje kokuthi bahamba netshe lemali kodwa indlela okwenziwa ngayo izinto ayigculisi neze futhi ayilingani. Basola nomqeqeshi uLionel Soccoia ngokwenzelela futhi sebemfuna ehambile ngoba uyehluleka ukubumba iqembu,” kusho umthombo osendelene neLeopards.
Esinye isizathu esivezwe ngomunye umthombo ngesokuthi iqeqebana labadlali “bendawo” kaleneme ngokunikwa kukaMatlaba ibhande ngoba likholwa wukuthi bakhona abadlali abadala abangalihola ngobuqotho iqembu.
“Unikwe kanjani uMatlaba ibhande efika nje eqenjini? Yini le engaka aseyazi ngeqembu ukudlula abadlali bendawo futhi asebehlale iminyaka eqenjini?” usho kanje omunye umthombo.
ILeopards isadliwe kuyo yomibili imidlalo ye-Absa Premiership esayidlalile. Ishaywe yiPolokwane City ngo 1-0, yaphinde yashaywa yiKaizer Chiefs ngendlela efanayo ngeledlule.
Ibuzwa ngoqhekeko eqenjini, iTechnical Director yeLidoda Duvha, uMlungisi “Professor” Ngubane, ithe: “Akukho okusafike kimina kwabikwa ngalokho, ngakho kunzima ukuphawula, ikakhulukazi odabeni oluthinta imali ngoba luphethwe ngusihlalo weqembu uqobo.
“Odabeni lokukhethwa kukakaputeni, hhayi ngicabanga ukuthi wumona nje wabadlali ojwayelekile ngoba phela ngeke uvele usuke nje ukhethe ukaputeni noma yimuphi. Siyaye sibheke amava omdlali nokuthi uyakwazi yini ukuthwala iqembu emahlombe akhe noma izikhathi zinzima. Yilezi zizathu ezenza kwakhethwa uMatlaba.”
I-Leopards izobuyela emidlalweni ye-Absa Premiership ngokubhekana neHighlands Park eThohoyandou Stadium, ngo-Aagsti 24. Kule mpelasonto ngeke idlale ngoba kuzobe khona imidlalo yeMTN 8 engekho kuyona.