ISINQUMO sesigungu esiqula amacala seSouth African Football Association (Safa) singase sishintshe izinto kwiKZN ABC Motsepe League.
UZakes Gumede oyimenenja yale ligi utshele Isolezwe ukuthi iSafa ithathe isinqumo sokunikeza iGreen Wood Park (GWP) Friends amaphuzu amathathu.
Lokhu kulandela ukuthi iLadysmith United yaphuma maphakathi nomdlalo ikhala ngezinqumo zikanompempe idlala nayo.
I-Friends eqeqeshwa nguDelron Buckley yayihamba phambili ngo-1-0. Emasontweni edlule iSafa ivune iFriends, iLadysmith isihluleke yancama ngisho isilidlulisele phambili icala.
Ukunikwa amaphuzu amathathu kweFriends kusho ukuthi kwiligi isizolala endaweni yesibili ngamaphuzu awu-51 emuva kwemidlalo ewu-26. Uma ikwaze ukunqoba imidlalo emibili esele, ingaba namaphuzu awu-57. Lokhu kubukeka kufaka ingcindezi kwiWanderers esendaweni yesibili ukuthi iyinqobe noma kanjani imidlalo yayo emibili esele. Yona inamaphuzu awu-56 emuva kwemidlalo ewu-26.
Ngeledlule iSummerfield Dynamos esingompetha ibizitshela ukuthi idlala umdlalo wokugcina neRainham Sporting kanti ishaye eceleni. NgoMgqibelo izophinde idlale neXI Experience emdlalweni ozoqala * -3 ntambama. Lokhu kulandela ukuthi isigungu esiqula amacala seSafa, sithathe isinqumo sokuthi uphindwe umdlalo ngenxa yezinqumo ezingezinhle zikanompempe.
Sekungumlando ukuthi emasontweni edlule i-Experience yanqoba ngo 2-1. Ngemuva komdlalo abalandeli nezikhulu zeDynamos bathelekela unondweba, bamshaya, bemsola ngezinqumo ezingasile. ISafa ihlawulise iDynamos ngalesi senzo, yaxosha ebholeni unondweba owayedlalisa ythatha isinqumo sokuthi amaqembu aphinde ensimini.
ISafa ithathe isinqumo sokuthi umdlalo wala maqembu udlalelwe ePeter Booysens, eMgungundlovu, okuyinkundla engezuvuna qembu.
Kusasa isigungu seSafa sizohlalela icala eliphakathi kweRainham Sporting, eyaphuma enkundleni umdlalo ungaphelile idlala neHappy Wanderers. IRainham yayikhala ngonondweba owanika iWanderers iphenathi sekusele imizuzu emithathu. Ayebambene ngo-1-1.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kubukeka umbiko we-match commissioner nokanondweba uchitha iRainham okuqinisa amathuba okuthi izodliwa yicala. Leli qembu lasePhoenix, eThekwini, lisonga ngokulidlulusela phambili lolu daba uma lihluleka kusasa.
IWanderers izophinda ne-Ashley United ngoMgqibelo, ngo 3 ntambama, eSouth Coast Academy. Umdlalo womlenze wesibili kawuphelanga ngenxa yemvula.
Ngosuku olufanayo, kulindeleke ukuthi kusiphuke izidindi uma sekudlala iMilford FC neMaritzburg City kowokugcina weligi. IMilford isendaweni yesibili emsileni ngamaphuzu awu-24 bese iCity ibe kweyesithathu ngawu-27.