UMGADLI weMamelodi Sundowns, uJeremy Brockie, ufisa iqembu lishintshe indlela elidlala ngayo ukuze ivumelane nesitayela sakhe emidlalweni asuke edlala kuyo.
UBrockie ushaye igoli lokuqala emdlalweni osemthethweni selokhu esayine kwiSundowns ngesikhathi iqembu lihlula iFree State Stars ngo 3-1 kowe-Absa Premiership ngoLwesithathu ebusuku eLoftus Versefeld, ePitoli.
Ubekade eseqede unyaka nenyanga agcina ukushaya inethi.
UBrockie ubegcine ukushaya igoli ngo-Okthoba nyakenye ngesikhathi esadlala kwiSuperSport United ibhekene neBloemfontein Celtic kwiTelkom Knockout.
Isomiso samagoli ebesimhlasele siholele ekutheni kuqubuke izinkulumo eziningi okukhona kuzona ukuthi akayena umdlali ofanele ukudlalela AmaBrazilians nokuthi angase abolekiswe.
Izolo, uBrockie uthe unethemba lokuthi sekuwukuvuleka kwawo amagoli kodwa ubona kufanele iqembu lishintshe indlela yokudlala uma ekhona enkundleni, kugotshwe amabhola ezinhlangothini.
“Ngicabanga ukuthi ihambisana nami indlela esidlale ngayo izolo (ngoLwesithathu). Sikhulumile ngaphambi kokuqala komdlalo, umqeqeshi wathi kufanele bathumele amabhola amaningi ebhokisini ukuze sizowaqedela. Uma singabambelela kulokho, hhayi sonke isikhathi kodwa uma amabhola eza ebhokisini yilapho ngimandla khona. Sizobona amagoli amaningi,” kusho uBrockie.
“Ngilethwe eqenjini ngesizathu samagoli ebengikade ngiwashaya. Iningi lamagoli ebengiwashaya kwiSuperSport abeqhamuka emabholeni agotshiwe, angitholayo noma ngisebenze ngephutha elenzekayo ebhokisini. Ngiyazi ukuthi iqembu ngeke lishintshele mina kodwa mhlawumbe uma ngikhona enkundleni kuzodingeka kwenziwe izinguquko endleleni yokudlala.”
Ezinyangeni ezedlule umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uthe okwenza uBrockie athwale kanzima wukuthi bona abayingeni indaba yokugoba amabhola amade angena ebhokisini kodwa balibeka phansi, bahlasele maphakathi nenkundla. UBrockie uthe bekunzima ukuqina ngesikhathi ebhekene nesomiso ngoba selokhu afika eMzansi ubeyishaya inethi.
Uthe abantu kade sebemgxeka ezinkundleni zokuxhumana. Iningi labo bekungabalandeli beKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
UBrockie ufisa ukuqhubeka nokushaya amagoli uma iSundowns isibhekene nePirates emdlalweni wePremiership eLoftus kusasa ngo-3.30 ntambama.
“Ngifuna amanye amagoli. Ngizizwa kahle ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo. Ngiyethemba ukuthi azoza ngobuningi manje amagoli, ngihlale esikimini ukuze ngisize iqembu lihlale esicongweni se-log lapho elifanele ukuba khona.
“Kungaba mnandi ukubavala imilomo laba balandeli abebekade bekhuluma. Nginerekhodi elihle lokushaya amagoli uma ngibhekene nePirates. Ngisakhumbula siwina iNedbank. Lona wumdlalo obalulekile, iPirates ihlezi esicongweni se-log futhi yenza kahle. Babuyele kwiPirates yakudala. Ngiyethemba ukuthi sizowina phambi kwabalandeli bethu,” kusho uBrockie.