KUZOCACA ngesonto elizayo ngomqeqeshi omusha weBafana Bafana esemkhankasweni wokuvala isikhala sika-Ephriam “Shakes” Mashaba.
Ibhantshi ligcwale umoya ngonyaka odlule kuMashaba. Lo mqeqeshi uxoshelwe ukudelela isikhulu seSouth African Football Association (Safa).
UMashaba wakwenza lokhu ngesikhathi iBafana iqeda kuqumba phansi iSenegal ngo 2-1 emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba eseRussia ngo-2018.
UMashaba udaba lwakhe ulidlulisele kwikhomishani elwela amalungelo abasebenzi. Ummeli wakhe ufuna abuyiselwe njengomqeqeshi uma ekhishwa phambili, noma anikwe imali yokumnxephezela ngoba inkontileka yakhe bekumele iphele ngonyaka ozayo.
Nokho umthombo waleli phephandaba ongaphakathi kwiSafa wakubeka kwacaca ukuthi uShakes ngeke abuyiselwe kuBafana noma angakhala azigingqe phansi.
Izolo, uDominic Chimhavi, wezokuxhumana kuSafa, utshele leli phephandaba ukuthi ngesonto elizayo uzobe esenalo igama lomqeqeshi ozongena endaweni kaMashaba.
“Ngicela ungithinte kahle ngesonto elizayo. Ngizobe senginalo igama lomqeqeshi omusha weBafana,” kusho uChimhavi ngamafuphi.
Lesi sikhundla simataniswa noCarlos Queiroz odabuka ePortugal. Lo mqeqeshi usanda kufaka incwadi yokwesula eqenjini lesizwe lase-Iran abeliqeqesha. Inhlangano ephethe ibhola e-Iran isichithile isicelo sakhe sokwesula kodwa kuvela ukuthi sekuyinto ejwayelekile ukuthi isichithe.
UQueiroz useke wayilolonga iBafana phambili. Ngo-2002 nguyena owafaka iBafana eNdebeni yoMhlaba eJapan/Korea. Lo mqeqeshi waphinde wabamba izintambo kuBafana ngesikhathi iphuma kuma-quarterfinal kuCaf Africa Cup of Nations (Afcon) eMali ngo-2002.
UChimhavi ebuzwa ngoQueiroz uthe: “ Ngicela ungithinte ngesonto elizayo. Lapho ke siyokhuluma.”
UQueiroz useke waba yiphini lowayengumqeqeshi weManchester United uSir Alex Ferguson osewathatha umhlalaphansi. Useke walolonga neReal Madrid yaseSpain neqembu lesizwe lasePortugal kusukela ngo-2008 kwaze kwaba ngu-2010.
URoger de Sa obekhonjwa kuBafana ugcine iqokwe njengomqeqeshi omusha weMaritzburg United ebivika izembe ngesizini edlule ku-Absa Premiership.