UMDLALI ochithwe yiKaizer Chiefs, uPule Ekstein, kungenzeka ayeke ithuba lokuyodlala phesheya ancamele ukuhlala eNingizimu Afrika.
I-Independent Media ithole ukuthi u-Ekstein kunamathuba okuthi ajoyine omakhelwane beChiefs, i-Orlando Pirates.
Lo mdlali wasesiswini udedelwe Amakhosi maphakathi nesizini edlule yize ebebukeka engomunye wabadlali abazamayo ngaphansi komqeqeshi * -Ernst Middendorp.
“U-Ekstein usendleleni ebheke kwi-Orlando Pirates. Iqembu kungenzeka limumemezele emasontweni ezayo,” kusho umthombo.
Imenenja ka-Ekstein, uPalesa Mkhize, ayizange iphumele obala ngamaqembu afuna lo mdlali.
“Akhona amaqembu esixoxa nawo kodwa sisawalindele ukuthi abuyele kithina. Ngeke ngikwazi ukuwasho okwamanje ngoba akukho okubambekayo. Uma sekuqaliwe ukukhuluma ngemali nezidingo zomdlali yilapho esesingaliveza khona igama. Mabili amaqembu engikhuluma nawo. Elaphesheya nelakuleli,” kusho uMkhize.
Uthe iqembu laphesheya elase-Ezerbaijan.
“Uma singatholi lutho lapha ekhaya sizolibheka elangaphandle kodwa uma kumgculisa okubekwa yiqembu lakuleli nakanjani uzohlala.”
Isikhulu esiphezulu kwiPirates, uFloyd Mbele, siphike salala ngomhlane ukuthi bafuna * -Ekstein.
“Angifuni ukukhuluma ngalo mbhedo. Ayikho nje into esizoyikhuluma,” kusho uMbele.
UMkhize uthe * -Ekstein akayibambele igqubu iChiefs ngokumdedela okuvela ukuthi yingoba yayingafuni ukumnyusela iholo.
“Ushiye kwiChiefs ngoba ubengekho ezinhlelweni zayo zangesizini ezayo. Kumele sisihloniphe isinqumo seqembu. Bayiqembu elikhulu elikade laba khona. Bayakwazi abakwenzayo. Nathi kumele siqhubekele phambili sibheke elinye iqembu singaziboni njengezisulu,” kusho uMkhize.
Khonamanjalo umdlali okuvela ukuthi ufunwa yiChiefs, uLazarus Kambole, uthi uzoya lapho kukhona ibhodwe eliconsayo.
Lo mdlali waseZambia uzivumele ngokwakhe ukuthi iChiefs ingelinye lamaqembu amfunayo.
“Okubekwa amaqembu etafuleni yikhona okuzocacisa ukuthi ngiya ngakuphi,” kusho uLazarus ekhuluma nabezindaba eThekwini kuleli sonto.
Lo mdlali weZesco United ukubona kuwumqondo omuhle ukuthi azodlala kwiPremier Soccer League.
“Kuyisifiso sami ukuzodlala kwiPSL ngenxa yengqalasizinda esezingeni eliphezulu."