UMDLALI weMamelodi Sundowns uKhama Billiat angase ashiye iqembu ngenyanga ezayo njengoba ezanyelwa ukuya phesheya
ANGASE ashiye ngoJanuwari kwiMamelodi Sundowns uKhama Billiat inkontileka yakhe ephela ngoJuni kuleli qembu.

Ngeledlule umthombo waleli phephandaba ongashayi eceleni udalule ukuthi uBilliat uyahamba ekupheleni kwesizini. Umqeqeshi weqembu uPitso “Jingles” Mosimane naye ukuqinisekisile ukuthi uBilliat uyahamba ekupheleni kwesizini.

Leli phephendaba seliphinde lahosha ukuthi lo mdlali kungenzeka ashiye kwiSundowns ngenyanga ezayo uma sekuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali.

“UBilliat kuphushelwa ukuthi akhululwe kuleli windi elizayo. ISundowns ibona ithuba lokuthi yenze imali. Uma ehamba ngoJuni uzohamba mahhala ngakho iqembu lifuna ukumdedela manje ukuze nalo lihlomule ngoba lamthenga ngemali eshisiwe,” kusho umthombo othembekile.

UBilliat udlale ingcwenga yebhola emasontweni amabili edlule ngesikhathi iSundowns iqumba phansi ompetha be-Absa Premiership, iBidvest Wits ngo 2-0 eBidvest Stadium, eMilpark, eGoli. Lo mdlali odabuka eZimbabwe ushaye amagoli amabili kulo mdlalo.

“Imenenja kaBilliat ilwela indaba yokuthi atholelwe iqembu phesheya. Akhona amaqembu amfunayo kodwa alikho ibanga eselihanjiwe ezingxoxweni,” kusho umthombo.

Imenenja kaBilliat, uSiyabulela Loyilane, yenqabile ukuphawula ngodaba lukaBilliat ngesikhathi ithintwa yiSolezwe ngoMsombuluko.

“Ngicela ukungaphawuli okwamanje ngoBilliat. Uma sesiqede yonke into ngekusasa lakhe iqembu lakhe lizokhipha isitatimende. ISundowns inomdlalo omqoka (ebiwudlala neBaroka FC) ngakho angiboni ukuthi kungumqondo omuhle ukuthi sigxile ezindabeni ezithinta ikusasa lakhe,” kusho uLoyilane.

ISundowns isike yalahlekelwa ngumdlali eyamthenga ngemali eshisiwe wagcina ehambe mahhala.Leli qembu lalahlekelwa nguBongani “Ben10” Zungu owahamba mahhala ukuyodlala ePortugal.

ISundowns izama ukugwema into efanayo kuBilliat. Lo mdlali usezinqobe zonke izicoco ezimqoka kwiSundowns. Usehlabane ngesicoco seCAF Champions League, CAF Super Cup, Absa Premiership, Nedbank Cup neseTelkom Knockout.

ISundowns izovakashela iLamontville Golden Arrows emdlalweni weligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.