INKAKHA eyake yayibamba kwi-Orlando Pirates nakwiBafana Bafana, uMark Fish, ibona amaqembu esizwe enomsebenzi omkhulu angawenza ekuthuthukiseni intsha emidlalweni eyehlukene.
UFish uthe abadlali beBafana, amaBhokobhoko namaProteas kufanele bakhumbule ukuthi bayisibuko sentsha ngoba izigidi zibukela kubona. Ngaphandle nje kwalokho, intsha iyafunzeleleka uma ibona amaqembu esizwe enza kahle, into enganciphisa nobelelesi.
Njengoba ekhuluma kanjena uFish amaProteas alibangisa kwiNdebe yoMhlaba ezoba se-England naseWales ngoMeyi, amaBhokobhoko azodlala kweyoMhlaba eJapan ngasekupheleni konyaka.
Kuthangi iBafana izibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba se-Egypt ngoJuni kanti neBanyana Banyana ngeke ishiywe ngaphandle ngoba izodlala kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa eFrance nonyaka.
UFish uthe kuhle kakhulu ukuthi amaqembu esizwe enza kahle ngoba anomthelela omkhulu ekuziphatheni kwentsha nasezingqinambeni ebhekene nazo.
“Kufanele sikhumbule ukuthi ukuze intsha ingene kwezemidlalo, ibukela emaqenjini amakhulu esizwe. Akukhathalekile ukuthi amaBhokobhoko noma amaProteas kodwa okusalayo igenge encane ibukela kuwo. Lokhu kusho ukuthi uma iqembu lingahlungeli ngempumelelo imiqhudelwano emikhulu, sisengcupheni yokubona abadlali abancane bedikibala, abanye baze bengabe besaqhubeka nalowo mdlalo okusuke kuboza khona lelo qembu. Abanye uthola ukuthi bagcina sebekhethe neminye imidlalo ngenxa yokungenzi kahle kwawesizwe,” kusho uFish.
UFish wanqoba isicoco seCAF Champions League nePirates ngo-1995 waphinde wanqoba ese-Afcon neBafana Bafana ngo-1996. Ubongele iBafana Bafana eshaye iLibya ngo 2-1 yazibekela indawo kwi-Afcon ezoba se-Egypt nonyaka.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi sisebenze kanzima sahlungela ngempumelelo i-Afcon. Bese sesiqala ukuzakhela igama elibi lokungena ngokuba ngosokhaya emiqhudelwaneni, okunganambithisiseki neze. Sekuyisikhathi sokuthi sidlule kuyo yonke leyo nto, akusafanele manje singene sekuvalwe amehlo emiqhudelwaneni emikhulu. Kodwa kufanele singene sigulukudela ngoba sinekhono lomhlaba kuleli lizwe,” kusho uFish obedlala emaqenjini ase-England nase-Italy esagijima.