UMENGAMELI weSouth African Football Players Union (Safpu), uThulaganyo Gaoshubelwe, uthi indlela aziphathe ngayo umgadli we-Orlando Pirates, uThamsanqa Gabuza, ngemuva kokuhhewulwa ngabalandeli uthemba ukuthi izovula isigcawu senkulumo mpikiswano ngokhwantalala olukhungethe abadlali.
“Indlela uGabuza aphendule ngayo esimeni abebhekene naso angifuni abantu bayithathe njengendlelo. Le nto yokuhhewulwa akuyona into ebiqala ukwenzeka kuye. Lo mkhuba usunesikhathi eside umkhungethe.
“Ngeke ungitshele ukuthi umdlali kungathi esesizile (iPirates ibidlala neBlack Leopards ePeter Mokaba Stadium) ngokuthi kungene igoli, bese eziphatha ngale ndlela. Kuchaza ngokusobala ukuthi ukhwantalala obese lumbondelene kakhulu kuyena isikhathi eside,” kusho uGaoshubelwe oqhube wathi :”Sesifikile isikhathi sokuthi kuthungathwe isisombululo ngendaba yokhwantalala olukhungethe abadlali oludalwa ukungahlonishwa abalandeli.”
“UGabuza uxolisile kubalandeli ngokubaphonsela ijezi lakhe maqede waphuma enkundleni. Noma kunjalo ngiyazi ukuthi nePSL neqembu lakhe ngeke bayeke ukumqondisa ubugwegwe ngenxa yokudicilela igama labo phansi,” kusho uGaoshubelwe.
UMike “Sporo” Mangena, oyihambile le nyathuko yokuhhewulwa esengumgadli weKaizer Chiefs, uthe nakuba ezwelana noGabuza kodwa isenzo sakhe asemukelekile.
“Uma ungumdlali okhokhelwayo kufanele ukulindele ukuthi kube khona abazokugxeka. Mina ngake ngabhekana nalesi simo esifanayo kwiKaizer Chiefs abalandeli bengihhewula. Angizange ngizame ukuphindisela kodwa ngabavala imilomo ngokushaya amagoli nokwagcina ngokuthi kube yibona abalwela ukuthi ngibe sesikimini.”
Enanela umholi wabalandeli bePirates baKwaZulu-Natal, uBheki Buthelezi uthe: “Okwenziwe nguGabuza kube kubi kakhulu, asikwamukeli neze singabalandeli. Umuntu uma esexolisile akabe esashaywa. Siyasamukela isixoliso sakhe. Ukuhhewulwa yingxenye yebhola. Kumele uGabuza azi naye ukuthi yinto engeke iphele.
“Kufanele azi ukuthi uyazifanele nonondweba umuntu ohlezi ehhewulwa uma kukhona isinqumo esingagculisi.”