“AKAHLONISHWE uStuart Baxter, angatshelwa yizwe lonke ukuthi akakhethe muphi umdlali, ayeke muphi”.
Lokhu kushiwo wumqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Srodojevic obegxeka labo abasola uBaxter ngokufaka abadlali abathandwa nguyena.
USrodojevic uthe uyayazi ingcindezi uBaxter abhekene nayo yokukhetha abadlali - akuwona neze umsebenzi olula. UMicho ubecija iqembu lesizwe lase-Uganda kusuka ngo-2013 waze walishiya ngo-2017.
Kusuke omkhulu umsindo ngokusala ngaphandle kwenjini yePirates, uXola Mlambo, esefomini kulezi nsuku. Ngokusho kukaBaxter, uMlambo kusekhona lapho eshoda khona, afisa ukuba akulungise ngaphambi kokumfaka eqenjini lesizwe.
Ebuzwa ngemuva komdlalo wezakhe noSuthu ophele ngo 1-1, eKing Zwelithini Stadium ukuthi ngabe uzizwa kanjani ngokushiywa ngaphandle kukaMlambo kwiBafana ezobhekana neSeychelles emidlalweni emibili yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), uSrodojevic uthe:
“Sengike ngaba wumqeqeshi weqembu lesizwe, ngiyayazi ingcindezi yokuthi abantu abawu-40 million bakutshele ukuthi faka bani, shiya bani kwelesizwe. Ngiyamhlonipha kakhulu uBaxter futhi kuwumbono wakhe ukuthi ufaka bani, ushiya bani kwelesizwe. Asikwazike ukufuna ukuthi izinto zenzeke ngenkani, kufanele simhloniphe,” kusho uMicho.
Eqhubeka echaza, uthe bona njengabaqeqeshi akufanele nakancane bagxambukele kokwenziwa wuBaxter.
“Empelelni owethu umsebenzi thina wukuthi emaqenjini esiwaqeqeshayo sinike abadlali amathuba, siphinde sibabeke ezingeni lokuthi bebonakale, kuba yilapho-ke amandla ethu ephelela khona. Kodwa ukudlala umakhombana akusizini neze,” kusho uSrodojevic.
Uphinde waqinisa idolo abalandeli bePirates ngokuthi isicoco se-Absa Premiership basethubeni elihle lokusinqoba. Njengamanje iBucs inamaphuzu awu-16, emidlalweni eyishumi.
“Ngonyaka owedlule ngalesi sikhathi sesizini, sasishoda ngephuzu elilodwa kulawo esinawo njengamanje. Iqiniso wukuthi kusekuningi okufanele sikulungise eqenjini. Akukubi kodwa ukulungisa nje lapha nalapha. Nabadlali ngihlale ngibatshela ukuthi eqenjini elikhulu uma unqobe umdlalo isimo siba ngesejwayelekile, uma udlale ngokulingana kuba nemibono, manje uma nike nashaywa ngathi kubhubha umhlaba. Ngakho kubalulekile ukuthi uma begqoke ijezi bakhumbule ukuthi badlalela iqembu elikhulu elinezigidi zabalandeli,” kusho uSrodojevic.