AKAZIWA ukuthi ukuziphi izinkalo umdlali weMaritzburg United osephenduke uhlupho ngokuthanda impilo yobumnandi emshiya engenayo ngisho indibilishi.
UYannick Zakri odabuka e-Ivory Coast, akakaze abuye ekhempini yeTeam Of Choice ngemuva kwamaholide kaDisemba njengoba bonke abadlali bebevalile baya emakhaya.
Ukwenza lokhu nje uZakri, izintambo seziphethwe umqeqeshi omusha kwiMaritzburg uMuhsin Ertugral othathwa njengomqeqeshi ongawumeli nakancane umbhedo.
Emdlalweni wabakhaya obungempelasonto phakathi kweLamontville Golden Arrows neMaritzburg ophele ngo 2-0 kunqoba Abafana Bes’thende, uZakri ubengabonwa nangokhalo, nokwenze ukuthi uma umdlalo uphela kuphoqe ukuthi * -Ertugral acacise ngalo mdlali.
Ngokusho kwalo mqeqeshi odabuka eTurkey, selokhu efikile kwiTeam Of Choice akukho asakuzwile ngoZakri.
“Ngiyethemba ukuthi uZakri uzobuyelwa umqondo, azame ukusindisa umsebenzi wakhe nekusasa lakhe. Ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu kuphela nje kufanele azifundise ukuhlonipha umthetho weqembu. Eqinisweni nje, akukho ukuxhumana phakathi kwethu naye. Sesize sazama nemenenja yakhe ukuthi izame kodwa akulungi lutho,” usho kanje * -Ertugral.
Eqhubeka echaza ngesimo sikaZakri, * -Ertugral uzwakale sengathi usehlanze ngedela kulo mdlali, akamboni ebuya kwezakhe.
“Ngimfisela konke okuhle ngekusasa lakhe. Ngiyafisa futhi ngiyethemba ukuthi iqembu elizomthatha lizokwazi ukumsiza. Ebholeni kunzima kakhulu, ikusasa lakho lingaphela ngokuphazima kweso,” kubeka * -Ertugral ngomoya ophansi.
Empeleni akukona okokuqala uZakri engaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo. Ngaphambi kokusayina kwiTeam Of Choice uhambe wangabuya ekhaya esesemabhukwini eMamelodi Sundowns. Leli phephandaba lashicilela udaba lapho lakubeka kwacaca ukuthi lo mdlali uyishaye wayivala imali abenayo, waphelelwa ngeyokubuya khona le ko-Abidjan.
Uma uyilandela kahle impilo yalo mdlali ezinkundleni zokuxhumana uyabona ukuthi insizwa ezifelayo ngezinto “ezikhala kahle”. Njengabo bonke abadlali, uyathanda ukugqoka izimpahla ezibizayo. Lapho afike ehluke khona, ukuthi uyathanda ukufaka utshwala obubizayo asuke ezitika ngabo ngaleso sikhathi ezinkundleni zokuxhumana.
Nakuba * -Ertugral engalibekanga ngembaba elokuthi usemchithile uZakri kodwa abukeka emancane amathuba okuthi uzobuyela eMphithi lo mdlali.