‘ANGIBONI ukuthi amaProteas azophinde azifake ehlazweni lokwehluleka zibekwa kwiNdebe yoMhlaba ngoba ayisekho indaba yokuthembela kumdlali oyedwa, noma ababili’.
Lokhu kushiwo yinkakha eke yadlala kumaProteas eminyakeni edlule uRobin Peterson obengumshwibi.
UPeterson udlale kwiNdebe yoMhlaba ka-2011 eyayidlalelwa e-India, Sri Lanka naseBangladesh. Ungomunye wabadlali okwaduma kakhulu igama “lezehluleki” esekhona kumaProteas asezakhele umlando omubi wokuhluleka ingcaca ukunqoba isicoco seNdebe yoMhlaba ekubeni eshaya ngokhilimu babadlali.
Ngokusho kukaPeterson isizwe asilindele isitshulu esimnandi ngoba * -Ottis Gibson upheka into engasukumi phansi ezobonakala kwiNdebe yoMhlaba nonyaka.
“Ngokwami ngibona abadlali abadlala ngaphansi kukaGibson besesimeni esihle ngokomqondo. Akufani nathi lapho okwakuthenjelwa khona kumdlali oyedwa noma ababili. Lapha (esho ngaphansi kuka-Gibson), kudlalwa njengeqembu akukho muntu ozimele ngayedwana. Uma ngibuka abadlali abakhethile umqeqeshi, ngibona sizomangaza abaningi kwiNdebe yoMhlaba,” kusho uPeterson obehlaziya ikhilikithi eWanderers kwithelevishini njengoba bekunomdlalo phakathi kwamaProteas nePakistan.
Ebuzwa yileli phephandaba ukuthi yini engenzela phansi amaProteas kwiNdebe yoMhlaba okufanele ilungiswe kusemanje, uPeterson uthe: “Ngicabanga ukuthi uma singakhuluma ngokushwiba sihamba sodwa emhlabeni. Okufanele sikulungise ukubhetha ngoba sekunakho ukusenzela phansi. Kufanele nomsila wethu umelane nengcindezi ngoba kuyenzeka emidlalweni emikhulu unqotshelwe wumsila wakho uma uzoba nenkani. Ngicabanga ukuthi kufanele silungise impela ekubhetheni.”
Abadlali abafike kwezwakala kumaProteas ngaphansi kukaGibson uDuanne Olivier, Lungi Ngidi, Junior Dala, Christiaan Jonker, Heinrich Klaasen, Dane Paterson, Theunis de Bruyn, Andile Phehlukwayo, Tabraiz Shamsi no-Aiden Markram ukubala abambalwa.
“Umehluko okhona omkhulu kuleli qembu likaGibson wukuthi badlala njengeqembu, akekho ozibona emkhulu kunomunye. Lokho kubalulekile kakhulu uma ufuna ukunqoba imiqhudelwano. Okunye obekusibulala thina kwiNdebe yoMhlaba wukubambisana kwabadlali nokudonsa nibhekise ngandawonye. Konke lokho sekungumlando manje ngaphansi kukaGibson. Ngifisa ukuncoma nendlela abadlali abakhethwa ngayo ngaphansi kwakhe,” kuphetha uPeterson.
nKhonamanjalo amaProteas asonge iTest yesithathu ngokushaya iPakistan ngama-run angu-107 eWanderers Stadium, eGoli, izolo emini. Lokhu kuchaza ukuthi iqembu lakuleli liwine uchungechunge lwemidlalo emithathu ngo 3-0.
AmaProteas abeze kulo mdlalo wokugcina edinga ukuwina ukuze akhuphukele endaweni yesibili ekuklelisweni yi-International Cricket Council (ICC). Eqhulwini kuhleli i-India eshaya kwasani kweyamaTest uma ithole ithuba.