KUBUKEKA sengathi abayingeni eyabadlali abasanda kusayiniswa abalandeli be-Orlando Pirates njengoba sekusele izinsuku ezimbalwa ukuthi kuvalwe ukuvotela abazoyibamba kwiCarling Black Label Cup ka-2019.
I-Bucs izotholana phezulu neKaizer Chiefs kulo mdlalo ozokuba ngoJulayi 27 eFNB Stadium, eGauteng. I-Pirates ingelinye lamaqembu abematasa kakhulu njengoba kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali.
Imemezele uSiphesihle Ndlovu, Fortune Makaringe, Kabelo Dlamini, Tshegofatso Mabasa, Bongani Sam, Tebogo Tlolane noJoris Delle. Yize bonke laba badlali bebegijima emaqenjini aseNingizimu Afrika (ngaphandle kukaDelle ongowaseFrance) futhi aziwa amagalelo abo emaqenjini abasuka kuwona kodwa abalandeli beBucs babukeka bethemba abadlali abebekhona ngesizini edlule.
Leli sonto ngelokugcina (eliphelele) kuvotelwa abadlali abazoqala umdlalo kwiCarling Cup kodwa kubukeka sengathi isikimu sePirates ngeke sishintshe, izodlala ngabadlali besizini edlule. Ngeke basolwe kakhulu abalandeli beZimnyama ngokukholelwa kubadlali abafana noVincent Pule, abebeyibamba ngesizini edlule ngoba bebeyincinza kuchwaze izihlwele.
I-Bucs iyona ebimise kabi iMamelodi Sundowns egcine ibe ngompetha be-Absa Premiership ngesizini edlule.
Ngasohlangithini lweChiefs abalandeli babukeka bemethemba umdlali omusha uLazarous Kambole ongumgadli waseZambia. Lo mdlali ubekhona kwiCosafa Cup eThekwini ngoMeyi, okungenzeka ukuthi abalandeli bachazekile ngabakubonile njengoba ekhona esikimini.
Amathikithi omdlalo asephelile okuchaza kona ukuthi abalandeli bazotheleka ngezinkani eFNB Stadium ngoJulayi 27.
UKhwezi Vika oyiBrand Manager yeSouth African Breweries (SAB), uthe konke kuhamba ngohlelo mayelana nomdlalo wabakhaya.
“Siyajabula ukuthi amathikithi omdlalo asedayise wonke. NgoMsombuluko kuzomenyezelwa abaqeqeshi beCarling bamaqembu womabili, bese kuthi ngoLwesithathu kumenyezelwe abadlali abazoqala umdlalo. Ukuvota kuzovalwa ngoLwesibili,” kusho uVika.
Kushone elayizolo amaqembu emi kanje
ORLANDO PIRATES: Brilliant Khuzwayo, Mthokozisi Dube, Innocent Maela, Justice Chabalala, Happy Jele, Ben Motshwari, Thembinkosi Lorch, Vincent Pule, Justin Shonga, Augustine Mulenga noLuvuyo Memela.
KAIZER CHIEFS: Itumeleng Khune, Ramahlwe Mphahlele, Lorenzo Gordinho, Daniel Cardoso, Erick Mathoho, Siphelele Ntshangase, Dumisani Zuma, George Maluleka, Lazarous Kambole, Bernard Parker noKhama Billiat.