ABE-MARITZBURG United baphokophelele ukujabulisa abalandeli babo ngokuqhubeka nokunqoba ekhaya ngemuva kokudla abakhaya AmaZulu FC ngo 2-0 emdlalweni we-Absa Premiership ngempelasonto.
AmaZulu aguqe ngamagoli kaBandile Shandu noSiphesihle Ndlovu. UNdlovu uqokwe njengomdlali ovelele kwiPremiership kaJanuwari izolo.
Siphawula kwithelevishini ngemuva komdlalo isitobha seTeam of Choice uSiyanda Xulu, sibalule ukubaluleka kokunqoba imidlalo yasekhaya. Sikusho lokhu ngemuva kokuhlulwa wukunqoba emidlalweni edlule yeligi abayigijime ekhaya. Bashaywe yiSuperSport United babelana ngamaphuzu neChippa United.
“Kuhlezi kumnandi ukudlala eHarry Gwala Stadium. Sibakweleta ibhola elihle nokuwina abalandeli ngoba isikhathi esiningi sinqoba ekuhambeni,” kusho uXulu.
I-Team of Choice ihlezi endaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu angu-31. Lokhu kuyibeka ethubeni elihle lokuqeda kwiTop 8 amasizini amabili elandelana.
“Sinezifiso zethu okuwukuqeda kwiTop 8 kodwa lokho akusho ukuthi kumele sizifake ingcindezi njengoba sineqembu elinabadlali abasebancane. Okwethu ukubhekana nomdlalo ngamunye,” kusho uXulu.
Umdlalo olandelayo we-United uzophinde ube sekhaya ivakashelwe yiPlatinum Stars ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku.
Umqeqeshi uFadlu Davids uthe maningi amaphutha abawenzile emdlalweni waMaZulu okumele bawalungise. Ubalule ukuhluleka wukusebenzisa amathuba abebewakha.
“Kumele sigcine indlela esidlala ngayo singayidedeli. Kuningi okumele kulungiswe njengoba besebancane labadlali. Angibhekile ukuthi sihlezi kuphi kodwa okumqoka wukuthi sisawubambile umgqigqo obheke ekuzuzeni iTop 8 okuyiyonanto esizibekele yona,” kusho uDavids.
Unxuse abalandeli wathi bangadikibali baqhubeke nokubeseka kuze kuphele
isizini.
“Konke esikwenzayo sikwenzela bona (abalandeli). Abadlali bayabadinga abantu abazobakhuthaza. Siyaziqhenya ngabo bahlezi benathi siwina, sihlulwa noma sidlala ngokulingana.”
Eminye imidlalo yasekhaya yeMaritzburg owePolokwane City, Cape Town City, Mamelodi Sundowns bese ivala isizini neLamontville Golden Arrows.