YIZE bekuhlale kunezikhalo
ngohlobo lwabadlali
beKaizer Chiefs ibuholwa
nguSteve “Mphathi” Komphela
kodwa isikhulu seqembu, uBobby
Motaung, uthi bekungesiyona
inhloso yabo ukuthi umqeqeshi
ahluleke. UKomphela usule
ngempelasonto ngemuva
kokubhaxabulwa yiFree State Stars
ngo 2-0 emdlalweni we-semi final
yeNedbank Cup eMoses Mabhida
Stadium, eThekwini.
Ukwenze lokho ngemuva
kwezidubedube ezisuke ngemuva
komdlalo lapho abalandeli
bevukwe wubulwane bangena
enkundleni befuna ukumudla
luhlaza. Babulale impahla
baphinde balimaza onogada.
Exoxa nabezindaba ngemuva
komdlalo ngesikhathi ememezela
ukwesula kukaKomphela,
uMotaung uthe bekungeyona
inhloso yabo ukuthi uKomphela
ahluleke yize bengazange
bamsayinele abadlali
abaseqophelweni eliphezulu
njengoba bebefisa.
Kuqeqesha uKomphela
iChiefs isayinise abadlali abafana
noBongani “Drogba” Ndulula,
Suva Matovu, Mitchelle Katsvairo,
Lewis Macha, Siphelele Mthembu,
Edward Manqele no-Enocent
Mkhabela.
“Ngicabanga ukuthi kumele
sisukume samukele inselelo
namaqiniso. Siyiqembu
iChiefs sisukumile salwela
ukufeza izinhloso nemigomo
yeqembu. Siyakholwa wukuthi
ngesikhathi siqasha uSteve
Komphela kwakungesikona
ukuthi sizombulala noma
sasinezinhlelo zokuthi ahluleke.
Ngicabanga ukuthi
wonke umuntu ocabanga kahle
futhi olaziyo ibhola, uzobona
ukuthi uSteve wenze umsebenzi
omuhle kwiChiefs. Wakhe
iqembu ngebhadi-ke uma
kusuke kungavumi ngalelo langa
noma ngaleyo minyaka kusuke
kungavumi,” kusho uMotaung.
Abadlali abaseqophelweni
eliphezulu abasayiniswe
yiChiefs kuqeqesha uKomphela
kube nguSiphelele “Stashi”
Ntshangase, Leonardo Castro,
Kabelo Mahlasela, Siyanda Xulu,
Ramahlwe Mphahlele noSibusiso
Khumalo.
“Ngiyaqala ukuza
esithangameni nabezindaba
ngemuva komdlalo. Isenzo
sabalandeli kasihambisani naso,
abakwenzile akwamukelekile.
Wonke umuntu uyakwazi
okwamukelekile. Ngeke ngibabize
ngeziwengu noma okunye okuyela
ngalapho. Bebediniwe kodwa
isenzo sabo kasamukelekile. Ukuze
siqinisekise ukuphepha sithathe
isinqumo sokuthi umqeqeshi asule.
Bekumele sithathe isinqumo.
Lokho akusho ukuthi sesiyizitha.
Akacasukile (uKomphela)
kodwa yisimo esiphoqe
ukuthi sithathe isinqumo
ngokuphazima kweso,”
kusho uMotaung.
Namuhla ngo-7.30
ebusuku, iChiefs
izobhekana neLamontville Golden
Arrows emdlalweni we-Absa
Premiership ePrincess Magogo
Stadium, KwaMashu.