Izindaba

UMampitsha uvulele uBabes icala lokushaya

Mcebo Mpungose|Published

UBabes Wodumo noMampintsha. Isithombe: Instagram. UBabes Wodumo noMampintsha. Isithombe: Instagram.

UMCULI ovele kwi-video eshaya uBabes Wodumo, uMampintsha, usezinikelile emaphoyiseni aseWestville namhlanje.

Ummeli wakhe uMthunzi Pat Magwaza, uveze ukuthi ngoMsombuluko uMampintsha wenze isitatimende emaphoyiseni emva kokusabalala kwe-video, echaza ngokwenzekile.

UMagwaza ukuqinisekisile ukuthi uMampintsha uvulele uBabes icala lokushaya ngenhloso yokulimaza ngoLwesibili ngesikhathi ezinikela emaphoyiseni aseWestville.

FUNDA:  Incazelo ngokungaveli kukaBabes Wodumo esithangamini nabezindaba

“Ufike wavula elakhe icala naye ngoba ngaphambi kokuthi kuqale ukuqoshwa kwe-video uthi washaywa nguBabes,” kusho ummeli.

Uthe uMampintsha uzovela enkantolo yeMantshi ePinetown namhlanje.

Ebuzwa ngemibiko yokuthi ubesephenduke ukudla kwenduku uBabes ummeli, uthe uMampintsha naye uveze ukuthi ubehlukumezeka ebudlelwaneni babo. Uthe kumphathe kabi ukuphuma kwe-video ngoba iveza uhlangothi olulodwa.

pic.twitter.com/QEksqQUbov

— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) March 5, 2019

“Ivideo yimbi kakhulu, singavumelana ngalokho. Imphathe kabi ngoba uzizwa ewumuntu obekelwe unoxhaka, uhlangothi lwakhe langavezwa,” kusho uMagwaza. Ukuchithile ukuthi uMampintsha ubegcwele amathafa izolo. Uveze ukuthi ubesendlini yakhe eWestville cishe usuku lonke ngoMsombuluko.

Uthe uma uMampintsha esevelile enkantolo, uzophumela obala akhulume ngalolu daba.

Nyakenye ngesikhathi kuvela izinsolo zokuthi uMampintsha uhlukumeza uBabes, lo mculi wayiphika kangangoba waze wasola ukuthi ‘kunesandla sesithathu’ esifuna ukufeza izinhloso ezithile ngokumqhatha noBabes.