Izindaba

Incazelo ngokungaveli kukaBabes Wodumo esithangamini nabezindaba

Mcebo Mpungose|Published

UBABES Wodumo ugcine engafikanga esithangamini nabezindaba ebesibizwe umndeni wakhe ngoLwesibili. Isithombe esigciniwe: Zanele Zulu/African News Agency(ANA) UBABES Wodumo ugcine engafikanga esithangamini nabezindaba ebesibizwe umndeni wakhe ngoLwesibili. Isithombe esigciniwe: Zanele Zulu/African News Agency(ANA)

UGCINE engalubhadanga esithangamini nabezindaba umculi weGqom’ uBabes Wodumo, esibizwe umndeni wakwaSimelane izolo ntambama. Umndeni wakwaSimelane izolo ubize isithangami nabezindaba kulandela ukusabalala kwe-video okuvela kuyo uBabes eshaywa ngempama uMampintsha.

Kuphele usuku lwayizolo engundaba mlonyeni uBabes njengoba bekulindwe ukuthi avulele uMampintsha icala esiteshini samaphoyisa, nomndeni wakhe ubhunga nabezindaba ngalo lolu daba.

NgoLwesibili esithangamini nabezindaba uBabes ugcine engaphumelelanga ngenxa yesimo sakhe sempilo.

FUNDA:  Uyisilwane uMampintsha: uyise kaBabes

“Ngesikhathi kukhulunywa ngokuhlangana nabezindaba namhlanje, uBabes ubeyingxenye yalezo zingxoxo futhi ubezimisele ukuba khona. Namhlanje ekuseni ngabo 9.30 uvele wavukwa yisibibithwane kwadingeka ukuthi ahlolwe odokotela. Kwenzeka lokhu nje ubevele echithe usuku lwayizolo lonke ekhala,” kuchaza okhulumela umndeni uMhlonishwa Langa.

ULanga uthe uBabes akekho muhle emoyeni nangokomzimba.

Uyise kaBabes, uMfundisi Welcome Simelane ubonge ubonge uDkt Mpho Bikitsha okunguye obheke isimo salo mculi noKholeka Gcaleka omcebisa ngezomthetho kulolu daba.

UMampintsha kulindeke ukuthi abe nesithangami sabezindaba namhlanje ngo-1 eBat Centre eThekwini.