UMNUZ Kwazikwakhe Mfanothi Lushozi obesekuphele isonto aduka ehlaselwa abantu esentombini kutholwe isidumbu sakhe sinamanxeba UMNUZ Kwazikwakhe Mfanothi Lushozi obesekuphele isonto aduka ehlaselwa abantu esentombini kutholwe isidumbu sakhe sinamanxeba
ITHOLAKALE ishonile indoda (52) yaseMbongolwane obesekuphele isonto inyamalele emuva kokuthi iphume ngesudi yesele endlini yentombi ibalekela abalisa okuthiwa babeyifuna ngezibhamu.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi isidumbu sikaMnuz Kwazikwakhe Mfanothi Lushozi onyamalale ekupheleni kwenyanga edlule sitholakele sinamanxeba okungakaqinisekiswa ukuthi ngawani. ULushozi unyamalale ngoJuni 30 eKopokopo lapho okuhlala khona intombi yakhe emuva kokuthi kufike amadoda angaziwa emfuna ngezibhamu. Kuthiwa waphuma endlini enqunu ebalekela la madoda okuthiwa aphinde atshela intombi yakhe ukuthi afuna isibhamu sakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa asevule icala lokubulala mayelana nesigameko sokutholakala kukaLushozi eshonile.
“Isidumbu sakhe sitholakele eKopokopo endaweni engakude nala ayebhekwa khona. Isidumbu sakhe bese sonakele futhi sinamanxeba okulimala. Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu yiyona ezocacisa ngokufa kwakhe,” kusho uZwane.
Izolo umndeni kaLushozi awuzange utholakale ukuqinisekisa ukuthi sewuzwile ngokutholakala kwesidumbu sakhe ntambama ngeSonto.
Ngesikhathi ebikela leli phephandaba ngokuduka komyeni wakhe, uNkk Lungile Thabisile Lushozi, uzwakalise ukukhathazeka ngesigameko sokunyamalala kwakhe kodwa washo ukuthi batholile ukuthi ubesentombini yakhe.
FUNDA: Unyamalele ohlaselwe ehlezi neshende
Uthe umyeni wakhe wayevakashele izihlobo zakhe eHammarsdale ngesonto ezobuya ngoLwesihlanu olwandulela usuku anyamalale ngalo.
UNkk Lushozi uthe wayethole ucingo olwalumexwayisa ukuthi angalali ekhaya ngoba kunabantu abafuna umyeni wakhe abangamenzakalisa.
Uthe wambikela umyeni wakhe ngalokhu wathi uyabuya ngoLwesihlanu olwalandulela usuku okuthiwa wanyamalala ngalo.
Ngokusho kwakhe bathi uma bezama ukumshayela ucingo bangamthola ocingweni kwathi eseshayelwa ntambama ucingo lwabanjwa yintombi yakhe yababikela ukuthi kufike abantu ekuseni ngehora lesine befuna umyeni wakhe kodwa wakwazi ukuphunyuka wabaleka enqunu.
Umkakhe uthe bathi uma beya emaphoyiseni bathola ukuthi intombi yomyeni wakhe ayisibikanga isigameko sokuhlaselwa nokunyamalala kwakhe. Uthe saze sabikwa nguye.