UMNUZ Kwazikwakhe Mfanothi Lushozi okuthiwa sekunesonto aduka ehlaselwa abantu esentombini UMNUZ Kwazikwakhe Mfanothi Lushozi okuthiwa sekunesonto aduka ehlaselwa abantu esentombini
USAKHUNGATHEKILE umndeni wendoda (52) yaseMbongolwane osekuphele isonto inyamalele emuva kokuthi iphume ngesudi yesele endlini yeshende ibalekela amadoda ayeyifuna ngezibhamu.
Kuthiwa uMnuz Kwazikwakhe Mfanothi Lushozi unyamalale ekupheleni kwenyanga edlule kutheleka amadoda angaziwa endlini yeshende lakhe ezomhlasela.
Umkakhe uNkk Lungile Lushozi uthe bakhathazekile ngomyeni. Kuthiwa uLushozi waphuma ngesamagundane endlini yeshende ngoMgqibelo mhla ka-30 Juni nonyaka emuva kokutheleka kwamadoda ethi kukhona umlisa amfunayo.
UNkk Lushozi uthe baze bathola ntambama ukuthi kukhona okwenzekile ngoba babengamtholi ocingweni.
Uthe ngaphambi kokuduka ubekade evakashele izihlobo eHammarsdale.
“Ngesikhathi esavakashele izihlobo zethu ngithole ucingo ngoLwesine luthi angingalali ekhaya ngoba kukhona abantu abafuna umyeni wami okungenzeka basilimaze. Ngimubikele ngalokhu. Ngigcine ukukhuluma naye ngoLwesihlanu olwandulela ukuduka kwakhe engitshela ukuthi useseMbongolwane. Ngaba nethemba lokuthi usezobuya ekhaya,” kusho uNkk Lushozi.
Uthe ngoMgqobelo bazama ukumshayela ucingo, bangamthola. Ucingo luze lwabanjwa yishende ntambama lababikela ngokwenzekile. Uthe ishende lathi umyeni wakhe ulokhu enyamalale ekuseni ebaleka enqunu. Uthe libatshele ukuthi abalisa badubula bebhekise lapho ayephume wabheka ngakhona umyeni wakhe.
Ngokusho kweshende abalisa babehamba ngezimoto ezimbili bebaningi. Kwathi uma sebebona ukuthi ubalekile batshela ishende ukuthi bafuna isibhamu sakhe kodwa lathi alisazi.
“Bese kunesikhathi ngazi ngentombi yakhe ngoba beyike ithumele imiyalezo ingithuka kodwa ngixakekile uma ingasasho uma sekukhona okumvelele,” kusho uNkk Lushozi.
Uthe iphinde yabatshela ukuthi kukhona abathe umyeni wakhe usesibhedlela saseNgwelezane kodwa bathola ukuthi akekho khona.
Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane uthe amaphoyisa anxusa usizo ngokuthola uLushozi ongakatholakali namanje.
“Ithimba lamaphoyisa, amalungu omphakathi nethimba elisebenza nezinja amthungatha endaweni emuva kokunyamalala kodwa wangatholakala. Amaphoyisa anxusa noma ubani ongaba nolwazi ngokunyamalala kwakhe ukuthi awathinte ngokushesha,” kusho uZwane
Noma ubani onolwazi ngokunyamalala kukaLushozi kuthiwa akathinte uCaptain Mgenge ku: 082 417 5753 noma inombolo yokulwa nobugebengu ku: 08600 10111.