UBABES Wodumo noMampintsha okumangale abaningi ngesikhathi kusabalala i-video eveza uMampintsha eshaya uBabes UBABES Wodumo noMampintsha okumangale abaningi ngesikhathi kusabalala i-video eveza uMampintsha eshaya uBabes
AMAPHOYISA aseThekwini izolo ebusuku abephansi phezulu ethungatha umculi wekwaito uMampintsha (Mandla Maphumulo) ngoba ethi angaba nolwazi noma angaba usizo ngecala likaBongekile “Babes Wodumo” Simelane. Kodwa akucacisile wukuthi awakwazi ukuphumela obala ngokuthi uBabes ulivulile yini icala. “Isizathu salokhu wukuthi uBabes uwumgilwa ohlukumezeka emndenini,” kusho uBrigadier Vishnu Naidoo.
Kodwa uMhlonishwa Langa okhulumela umndeni kaBabes ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi uBabes ulivulile icala esiteshini samaphoyisa eWestville.
Konke lokhu kulandela ukusabalala kwe-video okubonakala kuyona umlisa okuthiwa uMampintsha eshaya uBongekile “Babes Wodumo” Simelane.
UMfundisi Welcome Simelane (uyise kaBabes) uthe uMampintsha uyisilwane, kumele abhadle ejele, kade aqala ukushaya ingane yakhe kanti ibilokhu ibuyela kuyena. Usole lo mculi ngokudlisa ingane yakhe wathi uzogcina eyibulele.
“Okunye okungikhalisa kakhulu wukuthi noma kuvulwa icala esiteshini samaphoyisa eWestville ngalapho kuhlala khona uMampintsha kuvele kuphelele emoyeni.
“UMandla uyawagwazela amaphoyisa. UNgqongqoshe wamaPhoyisa ungumakhelwane wami eLamontville kumele ayophenya kulesi siteshi,” kusho uyise kaBabes.
Kule video kubonakala owesilisa okusolwa ukuthi uMampintsha eshaya uBabes Wodumo emsola ngobuf#@#.
Kunyakaze iNingizimu Afrika ngesikhathi kusabalala i-video uBabes ayishuthe yena ku-Instagram.
Kuyona kuqhamuka uBabes ekhuluma ethi: “Ungishayelani, yini ungishayelani. Nawe kade ngangikubamba nezif@#@ ungijwayela amas%$*&”.
Ngemuva kwalokho kuqhamuka uMampintsha amshaye ephindelela bese emtshela ukuthi kukhona izingane endlini.
Uyaqhubeka owesilisa athi “Uyahamba uyof#@! bese ubuya la, ungijwayela amas@#!& ungazongid@#*&^%”.
Ekhuluma esiteshini sakwa-eNCA uyise kaBabes uveze ukuthi uMampintsha kade aqala ukuhlukumeza indodakazi yakhe.
“UBabes ubeshaywa aphindele kulo mfana wakwaMaphumulo. Ngelinye ilanga sikhuluma naye wasitshela ukuthi uthole unodoli onomuthi ngaphansi kombhede kunegama lakhe. Lowo nodoli sawuthatha sawuyisa kubantu abazi imithi bafike basitshela ukuthi yiwona awusebenzisayo uma uBabes ezama ukumala, ubiza igama lakhe kuwo ukuze abuye,” kusho uSimelane.
Uthe ngisho bezama ukumyisa kubantu bamakhambi ukuze ayophalaziswa njengoba besola ukuthi udlisiwe uBabes akezwa mshini.
“Kokunye wake wamshaya phambi kwabadansi bakhe nomfowabo owabuya wangitshela ukuthi into ayibonile akayithandanga. Khona nje maduzane usanda kumshaya wamphushela ezitebhisini walimala kanzima. Wayehlulwa nawukudansa ngaleso sikhathi,” kusho uSimelane.
Uthe bake bavula icala emaphoyiseni aseWestville kodwa kwangaphenywa, icala laphelela emoyeni.
“Ngifuna aboshwe, akukho okunye engikufunayo manje ngalo mfana. Uma lo mkhuba ewufunde kubo kwaMaphumulo akangawenzi enganeni yami,” kuchaza uSimelane.