IHLOSE ukuthuthukisa osomabhizinisi abancane inhlangano yabalimi esanda kwethulwa iVirtual Farmers Nest Groupy.
Lokhu kudalulwe omunye walabo abangamanxusa ayo, uMnuz Fanele Gumbi.
Uveze ukuthi le nhlangano ithole uxhaso lwemali eshisiwe eNorway. Imali abaxhaswe ngayo uthe ilinganiselwa ku-R65, 4 million.
Lolu xhaso uthe yilona kanye oludala ukuthi kube lula ukusebenza kubona.
Uthe le nhangano igxile kakhulu ekuthuthukisweni kosomabhizinisi abakwezolimo.
Lokhu uthe bakwenza ngokuthi bahwebelane ngezimbuzi, iziklabhu nezinkomo.
Uthe njalo ngemuva kwezinyanga ezimbili amalungu ale nhlangano athola ingqayizivele yethuba lokuthi ahwebe ngalezi zilwane.
"Okuyikhona okumqoka kakhulu ukubona bonke abasanda kungena bekhula. Sifuna ukwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi bayathuthuka osomabhizinisi bakithi abagxile kwezolimo,'' usho kanje.
Uthe yize inhlangano yabo yethulwe ngonyaka owedlule kodwa ibonakala ikhula mawala.
Lokhu uthe kungenxa yentshisekelo enkulu ebonakala ikhonjiswa ngamalungu ayo.
"Kuyajabulisa kakhulu ukusebenza kwabantu okubonakalayo ukuthi bafuna ukuzuzani empilweni yabo,'' usho kanje.
Uthe kusavulelekile nakwabanye abanentshuisekelo yokungena kwezolimo ukuba bangabajoyina nabo.
Noma esho kanjalo uthe kodwa badinga labo bantu abazi kahle ukuthi bahlose ukuzuzani ngokungena kwezolimo.