UZONGCWABA amathambo umndeni wowesifazane owabulawa umyeni wakhe, wamgqiba emgodini oseceleni kwethoyilethi, emzini wabo ngo-2020.
UNkk Nontobeko 'MaDlomo" Ntombela (31) waseQabavu, eNsuze kusolakala ukuthi waxabana nomyeni wakhe uMnuz Khetha Ntombela (36).
Ngemuva kwengxabano kuthiwa owesilisa wamshaya ngesando ekhanda, wase emumbela umgodi egcekeni, wamgqiba.
Kuthiwa umsolwa akazange athi vu kumalungu omndeni kamufi ukuthi kwenzekeni kuyena, kodwa wayemlandula ethi akamazi ukuthi washonaphi.
Kuthiwa wabikela umndeni kamufi namaphoyisa ngokunyamalala kwakhe.
NgoNovemba nyakenye, owesilisa wakhombisa amaphoyisa lapho agqiba khona umkakhe. Ngemuva kwalokho wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
Ngaphambi kokuba abakhombise waqale ngokubantuntisa ebakhombisa izindawo ezehlukene.
Kune-video Isolezwe elinayo lapho owesilisa echaza khona ukuthi kungani ambulala umufi.
Kuyona uzwakala ekhala ngokuthi umkakhe wayesemshiyile esebuyele kubo.
UMnuz Bhekokwakhe Dhlomo ongumfowabo omdala kamufi ukuqinisekisile ukuthi umufi uzofihlwa ngeSonto kubo KwaMaphumulo.
Uthe imiphumela yolibofuzo isiphumile yingakho sebethathe isinqumo sokuthi bamfihle. Imiphumela uthe ikhomba ukuthi nguyena ngempela udadewabo owambiwa.
"Kuzoba umngcwabo nje ophelele. Sizofaka amathambo ebhokisini. Kuzoba nenkonzo ngaphambi kokuba afihlwe,'' usho kanje.
Ugcizelele ukuthi lokhu kubathoba amanxeba, njengomndeni njengoba sebazi ukuthi ithambo labo likuphi.
"Khona kuhle ukuthi sesiyazi ukuthi ilungu lethu lashona. Obekukubi kakhulu ukuthi aduke njengoba sonke lesi sikhathi besingazi ukuthi kwenzekani ngaye,'' usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda wakuqinisekisa ukumbiwa kwamathambo omuntu eNsuze.
Umsolwa kuyimanje ugqigqa enkantolo ngecala lokubulala.