INHLANGANO, Abahlali baseMjondolo, ikhulekela ukuthi i-ANC ikhishwe ngevoti okhethweni lwangoMeyi 29, yengeza ngokuthi “umbuso uyadakana.”
Lokhu kuvezwe nguMnuz S’bu Zikode, ongumengameli wale nhlangano, engxoxweni abe nayo neSolezwe izolo.
UZikode uthe sesiside isikhathi abantu behlupheka ngakho uyafisa ukuba kunikezwe abanye ithuba lokuphatha izwe.
“Lenele ithuba elinikezwe i-ANC, idinga ukuphunyuzwa ngenkulu inhlonipho. Siyalisaba iqembu elibusayo njengamanje, liyingozi kuBahlali baseMjondolo nakubantu baseNingizimu Afrika,” kusho uZikode.
Kulindeleke ukuthi ngeSonto eMayville, eThekwini, le nhlangano ibe nomgubo waminyaka yonke ewubiza ngokuthi yi-UnFreedom Day.
Lapha izobe yenza isimemezelo ukuthi yiliphi iqembu ezoliseka futhi ilivotele okhethweni.
UZikode uthe bebekade benochungechunge lwemihlangano emiphakathini okutholakala khona amalungu ayo, bethatha izimvo nemicabango yabantu.
Lo mholi uqhube wathi baphinde bamema amaqembu ezepolitiki ehlukene ukuthi azomukela futhi alalele izimfuno zabantu.
“Sibe sesenza umqulu wezimfuno zabantu, sanxenxa amaqembu epolitiki ukuthi azibophezele kulokhu okufunwa ngabahlali ukuthi azokwenza. Besilindele ukuthi aphendule, azibophezele,” kusho uZikode.
Uqhube wathi bonke osopolitiki abakhulume nabo bavumile ukuthi bazokwenza okufunwa ngabahlali, ikakhulukazi udaba lokubuyiselwa komhlaba kubantu.
Udalule ukuthi abantu bese belilahlile ithemba, besho nokuthi ngeke bavote kodwa bangenelela beyinhlangano.
“Sibe nemikhankaso lapho ebesikade sifundisa khona abantu ngokubaluleka kokuvota. Awukwazi ukungavoti bese kuthi ekugcineni ulindele ushintsho. Sesikhathele ukuzwa ngemiqulu yezethembiso yokhetho engafezekiswa yingakho senze owethu,” kusho uZikode.
Uthe kusukela ngo-2006 minyaka yonke bagubha i-UnFreedom Day lapho beveza khona ukuthi abakakhululeki ngoba umhlaba awukabuyeli kubantu, abantu babhukuda ebubheni.
Ukhale nangesibalo esibhezulu sabantu abaneziqu abaduve nazo emakhaya, abangasebenzi.
“Nabantu bangathi awusile ekhanda uthi uhlala emjondolo bese uthi ukhululekile. Ngesikhahi izwe ligubha uSuku lweNkululeko, abantu bagcwala izinkundla bephelezele ongqongqoshe, izinsizwa nezintombi ezimbalwa ezikhululekile,” kusho uZikode.
Uthe laba bantu abagcwala izinkundla bagcina sebethi nabo bakhululekile ngoba nakhu basuke benikezwe isikibha samahhala nokudla ngalolo suku.
UZikode uthe ngokusho kwabo, ukuthi abakhululekile akukhona ukubukela phansi imizamo yabantu abahola umzabalazo owawulwa nobandlululo okubalwa kubo noChris Hani.
“Esikubona kwenzeka manje akusikhona lokhu okwakulwelwa ngabaholi abadela izimpilo zabo ukuze kuzuzwe inkululeko. Ayikabi bikho inkululeko,” kusho uZikode.