UZISHAYA isifuba umasipala waseMthonjaneni ngefilimu edale inqwaba yamathuba omsebenzi okuhloswe ngayo ukufundisa abantu basemakhaya ngokuvota. Izokhonjiswa kuSABC 1 ngoMeyi12.
Oyisikhulu esiphezulu kulo Masipala, uMnuz Zipho Mthethwa, uthe kule filimu eqoshelwe eMthonjaneni, iwu-50 intsha ethole amathuba omsebenzi.
Inhlosongqangi yayo uthe ukufundisa abantu ngokuvota kodwa kube kudaleka namathuba omsebenzi ebantwini abasha bendawo.
"Okuyikhona okumqoka ngalo mdlalo ukufundisa abantu bakule ndawo ngokuthi kuvotwa kanjani. Sikhethe ukuthi sibe nalo mdlalo ngenxa yokuthi siyaqonda ukuthi abantu bakule ndawo ngabantu basemakhaya. Ngakho kumqoka ukuba bafundiswe ngokuvota,'' usho kanje.
Uthe bakubeke eqhulwini ukuthi abantu abasha kube khona abazokuzuza ezinhlelweni zikamasipala.
"Kuyajabulia kakhulu ukuthi kuhlomula nabantu abasha ngamathuba ngenxa yalo mdlalo,'' usho kanje.
Uthe bayabonga nokuthi iMeya, uMnuz Mbangiseni Biyela ubavumelile ukuthi babe nefilimu yalolu hlobo.
Le filimu iqoshwe yinkampani iKH Films engaphansi kweGravel Holdings.
Umphathi wale nkampani, uMnuz Siphakamiso Gumede uthe zibe khona izingqinamba ngesikhathi kuqoshwa le filimu wathi kodwa konke kugcine kuhlangene.
Uthe bajabule kakhulu ngokuba nobudlelwane nomasipala waseMthonjaneni.
"Siyalibonga kakhulu leli thuba lokuthi sisebenzisane nalo masipala. Siyathemba ukuthi lokhu kuzobalekelela abantu abasha bakule ndawo,'' echaza.
Ubonge nabaphathi baseMthonjaneni Lodge okuyilapho okuqoshelwe khona lo mdlalo.
UNksz Nonkonzo Khali obhekele ezokuxhumana kulo masipala uthe kubajabulisile ukuthi kube nefilimu yalolu hlobo ebeka noMasipala waseMthonjaneni ebalazweni.