ISITOBHA seKaizer Chiefs, uPhilani Zulu, sifisa ukugcina indawo yaso eqenjini ngesizini ezoqala
AKAKUCABANGI ukuphinde azithole ephenduka isibukeli umdlali weKaizer Chiefs, uPhilani Zulu, oke wacabanga nokuliyeka ibhola ngaphambi kokunikwa ithuba lokudlala kuMakhosi.

UZulu (25) ufike kwiChiefs ngesizini edlule ngemuva kokuphonswa emnyango iqembu ayelidlalela iMaritzburg United. Yize engafunanga ukuphumela obala ngokwenzeka, kusolwa ukuthi abaphathi badinwa eyokuthi wayengafuni ukuvuselela inkontileka. Wabe engadlaliswa cishe izinyanga eziyisishiyagalombili.

“(Ukungadlali) Kwangihlukumeza kakhulu emqondweni ngase ngicabanga nokuyeka ngizitshela ukuthi angikudalelwe ukuthi izinto zenzeke kodwa ngabuye ngaqhubeka nganethemba njengoba manje ngila engikhona,” kusho uZulu.

Lo mdlali obaziwa ngokuyibamba maphakathi nenkundla, ufike kwiChiefs umqeqeshi uSteve Komphela wambeka kwesokunxele emuva okuyindawo ayidlale ngobunono. Ubethatha indawo yesethenjwa uTsepo Masilela obelimele. Abanye abanga nabo kule ndawo uSibusiso Khumalo nomdlali osemncane, uSiphosakhe Ntiyantiya.

UZulu obethamele imidlalo yesikhumbuzo sikaSenzo Meyiwa ngempelasonto, uthe uzimisele ngokulwela ukuthatha amehlo omqeqeshi omusha weChiefs ukuze aqhubeke nokudlala.

IChiefs kulindeleke ukuthi imemezele umqeqeshi omusha kuleli sonto. Uzobe ethatha izintambo kuKomphela ohlale amasizini amathathu kodwa iqembu langanqoba neyodwa indebe.

“Ngesikhathi ngifika ngangizitshelile ukuthi ngizoyilwela indawo yami. Kuhle futhi kubi ukufika komqeqeshi omusha. Kufanele ulindele noma yini ngoba kuzoya ngokuthi uyayithanda yini into ayibonayo noma obuyenza uma kuwukuthi ubenilandela. Kodwa ngiyazethemba ngethalente enginalo ukuthi ngizokwazi ukwenza okudingekayo,” kusho uZulu odabuka eMgungundlovu.

Uthe nakanjani ngesizini ezayo kuzomele balikhuphule izinga bengabadlali ukuze bakwazi ukujabulisa abalandeli ngezindebe. “Sekuphele amasizini amathathu iqembu lingawini lutho. Ngakho kufanele ukuthi sibuyise izikhathi zenjabulo senzele abalandeli.”

Ukuvezile ukuthi sabaphatha kabi isigameko saseMoses Mabhida lapho abalandeli badinwa bangena enkundleni, bayilimaza ngemuva kokukhishwa kwiNedbank Cup.

“Ngangiqala ukubona into enjeya futhi ayamukelekile. Ngazizwa ngiyisehluleki. Yasithusa kakhulu nathi singabadlali,” kusho uZulu.

Ukuqala kwesizini entsha kusho elinye ithuba lokuthi iChiefs ilwele izicoco ezine zakuleli neCAF Confederation Cup.

“Into esazithwesa yona wukuthi kukithina ukujabula nokudumala kwabalandeli. Sizozama ngayo yonke indlela ukuthi sibajabulise njengoba nathi sifuna ukujabula,” kusho uZulu.